IKOMITI lezempilo ePhalamende lithi umthetho sivivinywa iTobacco Products and Electronic Delivery Systems Control Bill awenzelwe ukuvimbela abantu ukuthi babheme kodwa wenzelwe ukubavikela kulawulwe nokukhangiswa kukagwayi.
UNkk Thenjiwe Kibi owusihlalo wekomiti osabambile, uthe lo mthethosivivinywa, olawula ukusetshenziswa kukagwayi wenzelwa ukuthi uhambisane nomthetho iFramework Convention and repeal the Tobacco Control Act of 1993 (Act No. 83 of 1993) oshaywe inhlangano yezempilo emhlabeni ukuze kuvikelwe abantu engozini kagwayi.
Uguquko oluhlongozwayo kulo mthethosivivinywa, ukuthi kube nezindawo zomphakathi ezisendlini kanye nezindawo ezithile ezingaphandle ezizoqokwa okuzokwaziwa ukuthi akubhenyelwa kuzo ngokuphelele (100% smoke free)
-Ukungavunyelwa kokudayiswa kukagwayi ngemishini ewubuchwepheshe besimanje, ukuthi iphakethe likagwayi lingabhalwa lutho olungukukhangisa ngaphandle, libe nezixwayiso zezempilo nezithombe ezikhombisa umonakalo odalwa ugwayi emzimbeni wakho
-Ukunqatshelwa kwabadayisa ugwayi ukuthi bawubeke obala lapho uzobonwa khona (display)
-Ukulawulwa kwezinye izindlela zokubhema kusetshenziswa amathuluzi asebenzisa ugesi lapho ababhemayo behogela i-nicotine noma besebenzisa la mathuluzi kodwa abakubhemayo kungenayo i- inicotine.
Usho kanjena nje uNkk Kibi inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), isanda kumemezela ukuthi kwehlile ukubhenywa kukagwayi ngabantu abadala emhlabeni.
Ithe ngasekupheleni konyaka odlule ucwaningo elwenzile luveze ukuthi umuntu omdala oyedwa kwabahlanu ubhema ugwayi okuyisibalo esehlelile uma siqhathaniswa nesango-2000, lapho umuntu oyedwa kwabathathu wayebhema ugwayi.
UDkt Ruediger Krech, owumqondisi wophiko olubhekele ukugqugquzelwa kokulandela izinto eziyimpilo kwiWHO, uthe ucwaningo lwakamuva lukhombisa ukuthi amazwe angu-150 akwazile ukunciphisa ukubhenywa kukagcwayi emazweni awo ngempumelelo.
UDkt Ruediger uthe nakuba ukhona umehluko obonakalayo emhlabeni wonke kodwa abakhiqizi bakagwayi basaqhubeka nokushaya indiva imigomo yezempilo ehambisana nogwayi.
" Uma umkhakha wezempilo usucabanga ukuthi uwinile, abakhiqizi bakagwayi baqhamuka namanye amaqhinga okukhohlisa abezempilo, babe beqhubeka bedayisa imikhiqizo yabo enezithako ezibulalayo. Nakuba izibalo zehla kancane ngokuhamba kweminyaka, okusinika ithemba lokuthi umhlaba uzofinyelela esibalweni ozibeleke sona sokuthi wehlise ukubhenywa kukagwayi ngo-25% ngo-2025, ngoba wehlulekile ukwehlisa ukubhenywa kukagwayi ngo-30% ngo-2010. Amazwe angu-56 kuphela emhlabeni wonke okubukeka ezofinyelela kulo mgomo, okuyisibalo esehle ngamazwe amane kusukela embikweni wokugcina obuwenziwe ngo-2021," kusho uDkt Ruediger.
Uqhube wathi nakuba kunokwehla okubonakala kubantu abadala, ucwaningo luveza ukuthi isibalo sentsha eneminyaka engu-13 kuya ku15 ababhema ugwayi nemikhiqizo ene-nicotine siyenyuka emazweni amaningi.
" Ukuze kuvikelwe izizukulwane ezizayo nokuqinisekisa ukuthi ukubhenywa kukagwayi kuyaqhubeka kuncipha, i-WHO izomemezela ukuthi kube nooSuku Lomhlaba lokungawubhemi ugwayi nonyaka ukuze kuvikelwe izingane," kusho uDkt Ruediger.