OSOSAYENSI bakuleli bathi ukuhola ucwaningo oluzobe luhlola amakhambi ahlukene ukuthi angakwazi yini ukuba wumgomo wokuvikela iHIV, kuyithuba lokuthi baveze ikhono labo.
USolwazi Glenda Gray ongumengameli womkhandlu ocwaninga ngezempilo kuleli, iSouth African Medical Research (SAMRC), uthe eminyakeni engu-20 eyedlule, luningi ucwaningo oseluke lwenziwa kuzanywa ukuthola umgomo weHIV kodwa bekungakaze kwenzeke ukuthi luholwe wososayensi base-Afrika, beluholwa wososayensi base-Europe noma base-America, abase-Afrika bebesuke belekelela.
Usho kanjena nje uSolwazi Gray inhlangao yezengculazi emhlabeni, ikhiphe imali engu-R867 million yokuthi ahole ucwaningo oluzobe luhlanganise izingcithabuchopho kwezempilo zase-Afrika, ezizobe zesekelwe ngezomhlaba wonke, kuhlolwa amakhambi ehlukene khona e-Afrika.
Uthe ngale mali kuzohlolwa amakhambi okunenkolelo yokuthi angaba umgomo uma kubheka ukuhlolwa kwawo ema-labolatory, azobe esehlolwa ezilwaneni nakubantu.
“Ngiyazi ukuthi enqwabeni yocwaningo oseluke lwenziwa eminyakeni eminingi eyedlule imiphumela isiphoxile kodwa njengoba ngisho nje belugxile emazweni aphesheya. Manje sekuyithuba lethu singabacwaningi nososayensi base-Afrika, lokuthi sikhule ekucwaningeni.
Ulwazi esiluthole emiphumeleni yaphambilini luzosisiza ekutheni sithole indlela engcono yokuthi sibhekana ngqo nengxenye yama-cells okumele siyiqinise, ukuze igciwane lengculazi lingangeni.
Imiphumela yaphambilini isikhombisile ukuthi amakhambi aseke ahlolwa, abe nakho ukuvikela okuthize, yize ebengakwazi ukuvikela ingxenye yama-cells okuyiyona ehlaselwa yiHIV ngokuphelele ngoba ama-cells anezingxenye eziningi. Manje sesiyazi ukuthi ukuze siwine, kuzomele umgomo uqondane nengxenye esiyibiza ngeV1V2, kwi-cell,” kusho uSolwazi Gray.
Uthe ukuhlowa komgomo wokuvikela iCovid-19 nakho kubasizile bengososayensi ukuthi baqhamuke nezindlela ezilula zokuhlola futhi ezisheshayo kodwa izindlela abazisebenzise ngesikhathi behlola umgomo weCovid-19 ngeke bazisebenzise zinjengoba zinjalo ngoba igciwane iHIV lihluke kakhulu.
“Sinethemba lokuthi siyi-Afrika sizokwazi ukuqhamuka nomgomo ngoba leli gciwane linokwehluka kubantu abahlala emazweni ahlukene. Njengamanje sisesesigabeni sokuthi sihlanganise amathimba azocwaninga.
Okungijabulisa kakhulu wukuthi ethimbeni lososayensi abaphambili abayingxenye yalolu cwaningo, baningi abantu besifazane, okusho ukuthi nabo abesifazane bayakhula emkhakheni wokucwaninga,” kusho uSolwazi Gray.