MHLELI: INingizimu Afrika ibhekene nenkinga yokushoda kwamandla kagesi nokuyinto esimoshe okuningi njengokuphela kweminye imisebenzi, nenkinga yokungawatholi amanzi ngezinye izikhathi njengoba amaphampu amakhulu aphampa amanzi asuke engasebenzi ngesikhathi sokucinywa kukagesi.
Ngaphandle kwenkohlakalo ehamba phambili nokwanda kwabantu ezweni okwenza ukumosheka kukagesi kudlange kakhulu, kumele sibheke nokunye okunomthelela kule nkinga.
Okunye okusilimazayo yizakhiwo uqobo lwazo. Kungaba yinoma yisiphi isakhiwo esingakhekanga ngendlela eyonga ugesi.
Iningi lezakhiwo ezifana nemizi noma izindlu nezinye, ngokuhambisana nohlobo lwempahla ezakhiwa ngayo ziyawumosha kakhulu ugesi.
Abantu abaningi basebenzisa iama-heater, baphinde basebenzise ama-air conditioner uma kushisa ehlobo.
Konke lokhu kwenza ukuthi ugesi uhambe ngamandla ezakhiweni ezingakhekanga ngendlela yokonga ugesi, njengezakhiwo ezinama-frame amapulangwe aveza imifantu phakathi kwawo namawindi kanye nezicabha, lapho kuphuma kungena khona umoya ongadingeki ngaphakathi esakhiweni esisebenzisa ugesi.
Ukuphuma nokungena komoya ongadingekile ngaphakathi kwesakhiwo, ungena ngophahla nangemifantu yamafasitela nangezicabha, kuyawumosha kakhulu ugesi njengoba kuphuma ukufudumala noma ukuphola kwesakhiwo okudingekayo ngaleso sikhathi.
Ezinye izakhiwo zinezikhala okungangena ngisho inyoka ngaphansi kwezicabha. Lezi zakhiwo ziyawumosha kakhulu ugesi.
Izakhiwo eziningi ikakhulukazi lezo ezifulelwe ngama-tiles kakhonkolo, zase zifakwa upulasitiki ovimba imvula ngaphansi kwama-tiles, nazo ziyawumosha ugesi, njengoba lowo pulasitiki uhluleka wukumelana nesimo sezulu sokushisa noma sokubanda, kanjalo nokuvimba umoya ongadingekile ngezikhathi zasebusika kusetshenziswa ama-heater, kanjalo nangezikhathi zasehlobo kusetshenziswa ama-air conditioner.
Ngokocwaningo lwezinhlangano ezicwaninga ngokongeka kukagesi ezakhiweni, njengenhlangano i-South African National Energy Development Institute (SANEDI) kwatholakala ukuthi uphahla lwesakhiwo ludinga unqenqema olubizwa nge-thermal noma -aerolite blanket nezinye izinhlobo zalolu nqenqema ukuze uphahla lwenze umsebenzi wokonga ugesi.
Noma i-ceiling board iwuvimba umoya ongena endlini ngophahla kodwa awukwazi ukwenza umsebenzi owenziwa yilolu nqenqema olunciphisa ukumosheka kukagesi.
Unqenqema yilo oluvimba ukungena nokuphuma komoya ongadingekile ophahleni lwesakhiwo, luphinde lumumathe noma lumunce ukushisa kwelanga emini ebusika, bese kuthi ebusuku ludedele ukufudumala ngaphakathi kwesakhiwo, ngaphandle kokusebenzisa kakhulu ama-heater amosha ugesi.
Ucwaningo lwaphinde lwathola ukuthi kwenzeka okufanayo ehlobo noma ngezinsuku zokushisa kwelanga ngoba lolu nqenqema olufakwa ophahleni, ludedela ukuphola ngaphakathi kwesakhiwo, emva kokudonsa ukushisa kwelanga ngezikhathi zasemini, ngaphandle kokusebenzisa kakhulu ama-air-conditioner ukupholisa isakhiwo.
Lolu cwaningo lwenziwa lwaphasiswa yi-SANEDI nezinye izinhlangano ezicwaninga ngokongiwa kukagesi ezakhiweni emva kokuqinisekisa ukuthi impela izakhiwo ezingakhiwa ngale ndlela yokonga ugesi, zingakwazi ukonga amandla amaningi kagesi ngaphambi kuka-2060.
Izinhlangano ezicwaninga ngokongiwa kukagesi ngale ndlela yokwakha, azigcinanga ngocwaningo lohlobo lwempahla yokwakha, ukuze izakhiwo zonge ugesi.
Kuningi okwadlulwa kukho engingeke ngisafika kukho, ngoba kona kubukeka njengeSayensi emataniswa nezakhiwo okunzima impela ukuyiqonda nokukholwa yiyo ngezakhiwo ezonga ugesi, njengobukhulu obufanele bekamelo kanye nobukhulu obufanele befasitela lekamelo okuholela ekutheni ikamelo lifudumale noma liphole, njengoba lokhu kuxhumene nomsebenzi walolu nqenqema lophahla kanye nokuvaleka kwezikhala ezingena umoya ngamawindi nangezicabha.
Abanye omasipala abamukela izicelo zokwakhiwa kwezakhiwo ezindaweni ezingaphansi kwabo, sebeqalile ukugqugquzela abafaka izicelo zokwakha ukuthi bahambisane nendlela yokwakha noma yokusebenzisa izimpahla zokwakha ezikwazi ukonga ugesi, ukuze izakhiwo zabo zonge ugesi.
Makungagcini lapho, kepha makugcine ngokuthi zihlolwe izakhiwo ukuze kutholakale ukuthi zakhiwe ngendlela eveziwe yini esicelweni sokwakha, isicelo sokwakha isakhiwo esikwazi ukonga ugesi ngale ndlela.
Umbuzo uthi bangaki omasipala abagqugquzela ukwakhiwa kwezakhiwo ngendlela eyonga ugesi?
Kuyakhiwa ngamapulangwe, njengama-frame, kodwa kumele kwakhiwe ngendlela eyonga ugesi, kube yilawo avala imifantu.
Sengiphetha, ngiyaluthanda lolu cwaningo lokuqhamuka nale ndlela yokwakhiwa kwezakhiwo eyongayo. Sengathi lonke ulwazi oluqukethwe yilolu cwaningo lungafinyelela kubo bonke abakhile nabasafisa ukwakha, baqale ukwakha izakhiwo ezikwazi ukonga ugesi.
Ngokwamanani empahla yokwakha, wunqenqema lophahla kuphela olumba eqolo kodwa ngosizo lukahulumeni lungagcina lufinyelela kalula lolu hlobo lwempahla yokwakha eyonga ugesi ezitolo ezidayisa impahla yokwakha.
Kusezandleni zikahulumeni ukugqugquzela ukwakhiwa kwezakhiwo ezikwazi ukonga ugesi ngale ndlela, ukuze kunciphe izinga lokumosheka kukagesi.
Uthi-ke umbuzo zingaki izakhiwo ezingekho ezingeni, nalezo ezisezingeni, kodwa ezimosha ugesi, ngingasayiphathi ekagesi odliwa yizakhiwo eziyimijondolo?
Mhlawumbe yiso lesi sizathu esaholela ekutheni nohulumeni wobandlululo abanswinye abantu abansundu ngogesi, ngoba ngaleso sikhathi sobandlululo, iningi labantu lalihlala emijondolo nasezakhiweni zodaka okungolunye uhlobo lwezakhiwo olumosha kakhulu ugesi.
Cebolenkosi Maphumulo
ENANDA