UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnuz Cyril Ramaphosa uthe akakhathazekile ngobudlelwano bezwe ne-US ngaphansi kukaMengameli uDonald Trump.
URamaphosa uthe, ukhulume noTrump ngemuva kokunqoba kwakhe okhethweni lwaseMelika futhi ubheke ngabomvu ukusebenzisana nohulumeni wakhe.
“Angikhathazekile ngobudlelwano bethu. Ngikhulume naye ngemuva nje kokukhethwa kwakhe, ngamhalalisela, futhi sobabili sathi sibheke ngabomvu ukuqhubeka nokusebenzisana,” etshela izintatheli eceleni komhlangano waminyaka yonke weWorld Economic Forum eDavos, eSwitzerland.
Njengamanje iNingizimu Afrika ibambe isikhundla sobumengameli be-G20, ngemuva kwalokho i-USA ithatha izintambo.
URamaphosa usho lokhu-nje, uTrump ungene kwazwakala eWhite House enza izinguquko ezinqala ngemuva kwamahora ambalwa efungisiwe emcimbini obuseCapital One Arena, eWashington ngoMsombuluko.
Ngemva kokufungiswa, uTrump wethula inkulumo yakhe yesibili yokuvula intambo. Utshele izwe ukuthi "inkathi yegolide yase-USA iqala manje". UTrump akapholisanga maseko egxeka ukuphatha kukaBiden, wathi uzoqeda “izikhali ezinobudlova nezingafanele” zomnyango wezobulungiswa”, nokuthi ezobulungiswa zizolinganiswa.
“Okubaluleke kakhulu kithi kuzoba ukwakha izwe eliziqhenyayo, eliphumelelayo nelikhululekile,” kusho yena.
Usayine imiyalo yokuqinisa ezokuphepha emngceleni, enquma ukuthi abadayisi bezidakamizwa bathathwe njengamaphekula akwamanye amazwe. Ukufaka umkhawulo kulaba abafuna ubuzwe bokuzalwa, ukumisa imithetho emisha kanye nokusungula ithimba elizobunciphisa ubukhulu bukahulumeni wobumbano. Uphinde wahoxisa inqwaba yemiyalo ekhishwe uhulumeni kaJoe Biden, okuhlanganisa naleyo ehlobene nokuguquka kwesimo sezulu nokunye.
“Ngizophinde ngiqede inqubomgomo kahulumeni yokuzama ubuhlanga nobulili kuzo zonke izici zomphakathi nezizimele. Sizokwakha umphakathi ongenabala futhi ogxile ekuzuzeni impumelelo,” kusho yena
Okunye okugqamile nokushiye abantu behlukene phakathi ukuxolelwa kwabantu abangaphezu kuka-1.500 abathweswe amacala ahlukene odlame olwaqubuka kunesiphithiphithi eCapitol ngoJanuwari 6, 2021, okuhlanganisa nabantu abashaya amaphoyisa nokuyinto eyathusa kakhulu iziphathimandla zaseMelika.
Isenzo sikaTrump, siphambane nesithembiso sakhe kulaba abamesekayo wokuthi uzohlaziya icala ngalinye futhi angabaniki nozwelo abantu abenze udlame, wahlukanisa izinduna ze-GOP futhi wasibekela inkulumo mayelana ne-ajenda yakhe yezinsuku ezingu-100 zokuqala. UTrump uthatha izintambo nje amehlo azothi njo kuye ukuthi uzokwazi yini ukuqeda impi ephakathi kwe-Ukraine neRussia. Akuzugcina lapho umhlaba uzobe umbhekile ukuthi uzokwazi yini ukungenelela ekutheni kube noxolo phakathi kwePalestine ne-Israel.