NKOSIKHONA CELE
UQHAKAMBISE inkolo yakwaShembe, uMthandeni SK ngesikhathi emukeliswa umklomelo wemoto ayinqobe emncintiswaneni woKhozi FM, ngoLwesihlanu ntambama.
UMthandeni kuzokhumbuleka ukuthi ingoma yakhe esihloko sithi Gucci yadla ubhedu emncintiswaneni wezingoma eziyishumi ezaziqokelwe ukuhlukanisa unyaka. Yathola amavoti angu-976 000.
NgoLwesihlanu, uMthandeni ufike edlubhe umnazaretha wakwaShembe ehamba nangezinyawo, ephethe ibhola ngesandla.
Umsakazi woKhozi, uTshatha umbuzile ukuthi kungani efike egqoke kanjena. Uphendule ngokuthi uyakholelwa enkolweni yakwaShembe.
"Inkosi uMqaliwendlela, u-ISaya Shembe uyena owasifundisa okuningi, ''usho kanjena.
Eqhuba uthe impilo yakhe akaziphathele yona kodwa ezinye izinto uye azibone sezenzeka nje.
Ebuzwa ukuthi wayecabangeni eze egcina esekhetha ukuthi le ngoma apike uMawhoo kuyona uthe lo mculi wakhethwa kwabaningi.
"Eqinisweni nje savota kubaculi abayisihlanu esasifuna ukuthi kube yibona esibafakayo kule ngoma. Kwagcina kusale igama lakhe uMawhoo,'' uphendule kanjena.
Uthe uyababonga bonke abalandeli bakhe ngokuthembeka bamvotele.
Uthe wayevele eshilo ekuqaleni ukuthi abalandeli bakhe kumele baveze iqiniso ngokuthi bavote.
UBusani Mthembu oyisikhulu esiphezulu esibambile oKhozini uthe uhambe kahle kakhulu umncintiswano wasoKhozini. Uthe kubahlabe umxhwele ukubona kungena amavoti amaningi kangaka.
Uphosele inselelo abanye abaxhasi abafisa ukuba yingxenye yalo mncintiswano ukuba bangabe besapholisa maseko kodwa basheshe basondele ngoba ngale kwalokho bangagcina besindwa yizinyawo.
Udalule ukuthi abe maningi kakhulu amavoti agaywe yilo msakazo egameni lalo mncintiswano.
Ubonge nabakwaBlack Technologies ngokuba abaxhasi bemoto enqotshwe uMthandeni.