ZIHLUKENE phakathi izangoma ngokuyoseka uzakwabo, uMakgotso “Gogo Maweni” Mofokeng njengoba ebuyela eNkantolo yeMantshi yaseProtea, eSoweto ngoMsombuluko.
Yize izinyanga zaseThekwini, uBhongolethu “Dr Khehlelezi” Mzozo no-Andile “Mzimbokhalimali” Dlamini, ziphumele obala ngokuyokweseka uMaweni ngalolu suku kodwa ozibiza ngomngani kaMaweni, uTumi “Gogo Skhotheni” Motsoeneng, uthe bayaphapha ozakwabo ngoba abasiye nomngani kaMaweni.
USkhotheni uthe uyezwa ukuthi kunamabhasi aseqashiwe ngenhloso yokunikela enkantolo. Uthe lezo zangoma ezihlela lokho zifuna udumo. Uthe yini zingangeni ezindumbeni zazo ziyophahla hhayi ukuthi zize ziye enkantolo.
Eqhuba uSkhotheni uthe uMaweni uzophuma ngaphandle kosizo lwezangoma ezihluleke zancama ukubona ukuthi uMaweni uzoboshwa.
“Umngani wami lo? Akusiye umngani wenu.” Ubuze ukuthi lezi zangoma esezifuna ukuyingena manje lempi yabo bezithuleleni ngesikhathi begadlana ezinkundleni zokuxhumana. "Kuyasho ukuthi aniboniswa nina. Ukuba beniboniswa ngabe niyibone isekude namthatha namfaka endumbeni ukuze amaphoyisa angamboni...Ngiyameseka umngani wami kodwa hhayi ezinkundleni zokuxhumana kodwa endumbeni,“ kuchaza uSkhotheni. ”Bekufanele enkantolo kuze isangoma esisodwa sizokhipha umngani wami.
Bekuvunyelwe abezindaba ukuba babike ukusuka nokuhlala ngokwenzeka enkantolo.
Ugogo Maweni (39) uvele enkantolo ngecala lokushaya ngebhodlela ngenhloso yokulimaza omunye umuntu wesifazane ngo-2019. Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi inkantolo beyigcwele phama, kunomndeni wakwaMofokeng ngakolunye uhlangothi lwenkantolo.
Icala lihlehliselwe uMsombuluko wangoJanuwari 27, ukuze umsolwa acele ibheyili. Nakuba kunjalo akuthanga diki kumsolwa esebuyela esitokisini.
Ugogo ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ekwakhe ngeSonto ngezithuba zabo-3 ntambama, eboshwa ngamaphoyisa angamalungu eGauteng Province Cold Case Investigation Unit, naweGauteng Counter Intelligence Investigation, maqede waphonswa esitokisini esiteshini saseMondeor, eGoli, lapho elale khona ebaliwe.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa, ugogo uMaweni uqale ukulandelwa ephenywa kusukela ngo-2019.
Siqhubeka isitatimende sithe ugogo uMaweni uyathinteka nasezigamekweni zokubulawa kwabantu ezenzeka e-Eldorado Park, eMondeor, e-Orange Farm, naseBekkersdal phakathi kuka-2020 no-2024, okungamacala asaphenywa.
Ukuboshwa kukaMaweni kulandela izinsolo ezadalulwa wuzakwabo kodwa oseyimbangi yakhe uSkhotheni, ngesikhathi lezi zangoma zixabana kwi-TikTok.
USkhotheni waveza nokuthi phakathi kwabanye abantu ababulawa kubalwa nomyeni wobengumngani wakhe omkhulu, uJabu Mahlangu.
USkhotheni wathi izindaba uMaweni waziphahluka kwabomndeni wakhe ngesikhathi eseqiwe yizinkamba futhi umfowabo ubesehamba ecula ngalezi zehlakalo.
Nakuba kunjalo ngesonto eledlule uSkhotheni, noMaweni baveze ukuthi sebekhumelene umlotha. Baze baxabane nje, ngo-2023 uSkhotheni waveza ukuthi uMaweni ukopela izitayela zakhe, nensipho yakhe.
Ugogo Maweni, oshade noSabelo Mgube nyakenye, uqale ukuzakhela udumo emuva kokuvela kwezindaba zokuthi ubethandana nowayengumlingisi weThe Queen, uSthembiso "SK" Khoza, kanye nowayengumdlali weMamelodi Sundowns uSiyabonga Zulu.
Ubezishaya isifuba ngokuthi obethandana naye kodwa emhlukumeza, ubembika endumbeni bese amadlozi akhe ebhekana naye.