LIVUKA ogqokweni itshwayi kusongelana amaqembu abusa ngokubambisana emva kokusayinwa komthetho i-Expropriation ogunyaza ukudliwa kwempahla nomhlaba wuhulumeni.
Ukusayinwa kwalo mthetho nguMengameli Cyril Ramaphosa, kuqhathe abaholi bamaqembu abusa ngokubambisana.
Iqembu lesibili ngobukhulu kuhulumeni wokubambisana, i-DA, lisabisa ngokungaseseki isabelomali uma uRamaphosa ephikelela nalo mthetho.
I-DA iphinde isabise ngokuphonsela inselelo umthetho omusha enkantolo. Umthetho omusha wasayinwa nguRamaphosa ngeledlule.
Inhloso yomthetho ukunikeza uhulumeni amandla okuthatha umhlaba uma kunesimo lapho kuphazamiseka ukuhanjiswa kwentuthuko.
Ngaphansi komthetho omusha uhulumeni uzokwazi ukudla umhlaba uma ungavumelani nomnikazi wendawo lapho khona uhulumeni ufuna ukuqhuba uhlelo lwentuthuko okungaba umgwaqo, ingqalasizinda yamanzi nokunye.
Nokho i-DA namanye amaqembu ayaphikisana nokusayinwa kwalo mthetho.
Akukhona okokuqala i-DA iphikisana nokusayinwa kwemithetho njengoba sekuke kwenzeka ngesikhathi kusayinwa umthetho wezikole, iBela, kanye nangesikhathi kusayinwa umshwalense wempilo, i-NHI.
Umholi we-DA, uMnuz John Steenhuisen, uthe sebeyibekezele kwanele i-ANC.
USteenhuisen uthe abe-ANC kufanele bakwamukele ukuthi angeke bathole yonke into abayifunayo ngoba abazange bathole izihlalo ezanele ukuthi babuse ngokuzimela.
USteenhuisen uthe bazofaka isikhalazo ngokusemthethweni ohlakeni oludalelwe ukuxazulula izinkinga kuhulumeni wokubambisana.
Uthe angeke baseseke isabelomali uma isikhalazo sabo singakaxazululwa.
Ngakolunye uhlangothi, abaholi be-ANC bona bathe bazoqhubeka nawo lo mthetho.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe i-DA yazigwaza ngowayo ngesikhathi kunezingxoxo zokubusa ngokubambisana.
UMbalula uthe i-DA kwakufanele isho ukuthi imiphi imithetho engahambisani nayo ngesikhathi kunezingxoxo.
Abaholi bala maqembu bayaqhubeka nokubambana ngezihluthu.
IPhini likaMengameli, uMnuz Paul Mashatile, lize laphimisa amazwi okuthi ilungu le-DA eliwuNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Dean Macpherson, kuzomele lisule esikhundleni uma liphikisana nalo mthetho.
Umnyango kaMacpherson iwona okufanele ube sekhaleni lokuthathwa komhlaba.
UMashatile uthe akekho ungqongqoshe ozokwenza umathanda.
“Bonke ongqongqoshe baqokwa ngumengameli, akekho ungqongqoshe ozokwenza okuthandwa uyena.”
UMacpherson uthe ngeke atshelwe uMashatile ukuthi kufanele ehle esikhundleni.
“Akekho umuntu ozongitshela ukuthi kufanele ngehle esikhundleni ngaphandle komholi weqembu lami (i-DA).”
UMacpherson nephini likangqongqoshe emnyangweni, uMnuz Sihle Zikalala, abakhulumi ulimi olulodwa ngodaba lwalo mthetho.
UZikalala, oyilungu le-ANC, ukushayele umthetho ukusayinwa komthetho, wathi bakulungele ukulandela okushiwo umthetho.
Amanye amaqembu ayingxenye yohulumeni wokubambisana aphikisana nokusayinwa komthetho yi-IFP ne-FF Plus.
Umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Bongani Mahlangu, uthe umsindo wakamumva akaboni uzodala ukuthi kugqabuke igoda emaqenjini abusa ngokubambisana.
UMahlangu uthe i-DA ayizange isho ukuthi izohoxa kuhulumeni wokubambisana, wathi lokho kuyizinkomba zokuthi izimisele ukuthi luxoxwe lolu daba.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabe-Newsroom Afrika.
“Akukhona okokuqala bephikisana nemithetho esayinwa uRamaphosa. Empeleni akukhona ukuthi baphikisana nawo wonke umthetho, kepha nje izingxenye ezithile zomthetho abangahambisani nazo. Kwakuyisimo esifanayo kw-iBela nakwi-NHI. Ngicabanga ukuthi bazohlala phansi, babonisane ngalolu daba.”
Amanye amaqembu amakhulu aphikisana nokusayinwa komthetho i-EFF ne-MK.
La maqembu akhala ngokuthi ukusayinwa kwalo mthetho ngeke kwenze mehluko, athi akukho okusha okuqukethwe umthetho osayinwe ngeledlule.