UNDLUNKULU uNtokozo Mayisela Zulu, ozame ukuvimba umgcagco weSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, uthi usasihlonipha isihlalo sobukhosi bukaZulu futhi uzibophezele ekutheni kutholakale isisombululo.
UNdlunkulu uKaMayisela uthe imizamo yakhe yokuvimba umgcagco weMbube, noNdlunkulu uNomzamo Myeni akufanele ithathwe ngokuthi akasihloniphi isihlalo.
Lokhu kushiwo ngummeli wakhe, uMnuz Melusi Xulu weDonda Attorneys, obekhuluma neSolezwe emva kokuchithwa kwesicelo sikaNdlunkulu uKaMayisela.
Isicelo sikaNdlunkulu uKaMayisela sichithwe ngoMsombuluko yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
UKaMayisela ubefake isicelo ethi iMbube ayinalo ilungelo lokuthatha omunye undlunkulu ngoba yashada umshado omhlophe naye.
IJaji Sidwell Mngadi lithe isicelo sikaNdlunkulu uKaMayisela asiphuthumi.
UXulu uveze ukuthi uNdlunkulu uKaMayisela uthe uye enkantolo ngoba nakhu efuna ukuvikela amalungelo akhe.
“Undlunkulu uyasihlonipha isihlalo seSilo futhi uyakuhlonipha ukuthi kufanele kubanjiswane ukuze kukhuliswe isizwe sikaZulu. Yena ubesebenzisa ilungelo lakhe njengomuntu wesimame omnyama, ukuthi amalungelo akhe angahlukunyezwa. Umthetho umile, uma ushade umshado omhlophe, awukwazi ukuthatha isithembu.”
Umgcagco weSilo, noNdlunkulu uMaMyeni kwakumenyezelwe ukuthi uzokuba ngeSonto, kwakuthiwe kuzoqala umkhehlo ngoLwesihlanu.
Akucaci ukuthi imicimbi izoqhubeka yini ngoba kuke kwavela incwadi okuthiwa ibhalwe yiMbube, ethi umgcagco uhoxisiwe.
Encwadini efungelwe futhi efundiwe enkantolo, iMbube ithe ayikaze isho ukuthi ziyawushaya kuyo ngeSonto.
UXulu uthe uNdlunkulu uKaMayisela uzibophezele ekutheni kutholakale isisombululo kulolu daba.
Ngokwamaphepha asenkantolo, uNdlunkulu uKaMayisela uthe akanayo inkinga yokuthi iMbube ithathe omunye undlunkulu kodwa wathi kukhona izinto okufanele zilungiswe kuqala.
UKaMayisela ufuna ukuthi kuqale kushintshwe umshado wabo omhlophe, ube umshado wesintu, khona iMbube izokwazi ukuthatha omunye undlunkulu.
Emaphepheni asenkantolo uKaMayisela uveze ukuthi base bevumelene neMbube ukuba bafake isicelo sokuba kushintshwe umshado wabo, enkantolo kepha uthe iMbube yalumisa lolu hlelo ngaphandle kokunikeza izizathu.
Muva nje, iMbube ifake isicelo sokwehlukanisa noNdlunkulu uKaMayisela, ithe sekuphele unyaka bephila ngokwehlukana futhi ubudlelwano ngeke busalungiseka.