MHLELI: Isilonda ebesithi siyaphola - sabantu abavaleleka kwi-container eyavoshoka nabo yangcwabeka emathunjini omhlaba, balindela uhlengo kwaze kwaba baficwa ukufa - sesivele sabhibha ngesikhathi ngibona kuhlengwa abavukuzi ababezoqola ingcebo embiwayo yaseNingizimu Afrika.
UFebhuwari 2016 kawusoze walibaleka emindenini yoNksz Pretty Nkambule, Mnuz Solomon Nyirenda noNksz Yvonne Mnisi ababengabasebenzi basemayini iLily Mine, eBarberton, esifundazweni iMpumalanga.
Ngikusho lokhu ngoba nami ngingesihlobo nje, kodwa isekhona iminjunju yokwazi ukuthi kunabantu abafa ukufa okubuhlungu, befela ethembeni lokuthi bazotakulwa lapho ababevaleleke khona.
Isilonda ebesesiqala ukuphola sivele savuka ngibona kuhlengwa abantu ebebezozithathela ingcebo yakuleli. Siyizwe sihlezi sigcwanekwa ngama-video oZama Zama, beqhosha ngokuzixebulela emkhomeni oyizwe lethu, bedansela izingoma, bezichaza njengabantu abaqhafazileyo ekhanda nabangafani nezinyoni eziyithi. Siye sibabone bephethe izinhlobonhlobo zezinhlokohlela namavolovolo, begabisa nangemfumba yemali yaleli zwe. Kakugcini lapho, imiphakathi eminingi ihlezi ikhala ngemigilingwane eyenziwa kuyo yilaba bavukuzi abangekho emthethweni.
Umphakathi owagqama kakhulu ngowaseKrugersdorp, owawukhala ngokudlwengulwa yibo oZama Zama. Elinye ilungu lomphakathi lakubeka kwacaca embizweni eyabe ibizwe ngowayengungqongqoshe, uMnuz Bheki Cele, ukuthi iningi labesifazane endaweni liyabazi ubuhlungu bokudlwengulwa yiqulu labesilisa elibizwa ngoZama Zama. Laze lagcizelela ngokuthi iningi labo (abesifazane) kalisasiboni nesidingo sokuyovula amacala ngoba amaphoyisa asebenzisana noZama Zama. Ubani ongakhohlwa ukudlwengulwa kwabesifazane yiqulu loZama Zama okwenzeka emigodini yaseKrugersdorp?
Kangisho ukuthi bekungafanele bahlengwe ababesemayini yaseStilfontein, eNorth West, njengoba inkantolo ibiyalele kanjalo. Kodwa konke lokhu kungikhumbuze imiphefumulo esayifulathela lapho kumele senze konke okusemandleni ethu ukuyisindisa.
Nilale kahle zingane zakwethu lapho nilele khona. UNkulunkulu uyonenzela ubulungiswa ngelinye ilanga, engathi imindeni ingasixolela ngokuyilahla lapho kumele sibe nayo.
Bonga Mlangeni
KWAMTAMTENGAYO