UNGQONGQOSHE woMnyango kaMgcinimafa, uMnuz Enoch Godongwana, uzogibela esitikini sengevu yamalungu ePhalamende namuhla ngo-2 ntambama eyokwethula isabelomali sika-2025/26.
Uyoma kulesi sikhenke esisapulpiti nje, iningi labantu lifumbethe inhlalisuthi ezandleni lilindele ukuthi uma eke wathi nkente ngokwenyuka kwentela ezidingweni zabantu zansuku zonke, liyamnamatha. Lo mthwalo waqala ukuwuthwala ngokuthi anqume ukungaseneki isitatimende sezinhlelo zemali ngomhla ka-19 Febhuwari kulandela ukungavumelani kwekhabhinethi odabeni lokwenyuswa kwe-VAT.
Okwalandela lapho ukuthi amaqembu ezepolitiki asePhalamende ayiphendule inyama yombhubuzo indaba yesabelomali sanonyaka nobani nobani efuna ukuzisikela iqatha elibonakalayo. UGodongwana akakufihlile ukuthi izwe lithwele kanzima, umgodla wakhe eHhovisi likaMgcinimafa awusenabo onsumbulwana abenele ukubhekana nesimo iNingizimu Afrika ekuso.
Imisebenzi ayibonwa, umnotho kawugelezi usuze wembatha ithombonkala, nekhona imisebenzi iyaphela, akukho kutshalwa okusha kwemali, isibalo sabantu abathembe ukukhangezwa uhulumeni siya ngokwenyuka. Konke lokhu kuholela endlaleni esikhungethe abantu, abasakazeke izitaladi zamadolobha namadolobhana ngethemba lokuqasheka.
Ayisakhulunywa-ke eyezinkinga zokushodelwa yinkece ebhekele izidingo eziyimpoqo ngokoMthethosisekelo njengemfundo, ezempilo, ukulethwa kwamanzi, ukuphakelwa kukagesi, njalonjalo.
Konke lokhu kufanele uGodongwana acacise ukuthi uhlela ukukuhlinzekela kanjani, ngayiphi imali. Kumanje vele iminyango eminingi iyahayiza ngokwehliselwa isabelo. Yonke ibheke umlingo ozolethwa yileyo ndoda yesigqoko esimnyama.
Olwanamhlanje usuku olusindayo kuGodongwana nasemaqenjini akuhulumeni wokubambisana. Okungazeki ukuthi lo Ngqongqoshe wezeziMali uyothi ehlala phansi, ngemuva kwenkulumo yakhe, ebe ezakhele ugazi noma esephenduke intothoviyane enukela wonke umuntu.