INCWADI: Your guide to Adulting
UMBHALI: Rumbidzayi Munyaradzi
ABASHICILELI:Rumbidzayi Munyaradzi
KUBOSHELWE izeluleko, amasu okuzimela nezinhlaka eziwumgogodla wolwazi lokufunda ukuzimela. URumbidzayi Munyaradzi ucathulisa igenge encane esingena esigabeni semfundo ephakeme, nalabo abaqala ubudlelwano obusha obehlukene.
Ukuziphathisa okumuntu osemdala kuchaza ukuthi kumele ukwazi ukuzithiba kwezinye izinto ngaphandle kokutshelwa ngabazali nokufunda ukuhlela isikhathi kuye ngokwezidingo zakho. Weluleka abantu abasha asebeyohlala ngaphakathi emanyuvesi nasemakolishi nalabo abaqashile ngenhloso yokuzisondeza ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Uxwayisa ngokukhetha ubudlelwano obufanele nokuthi yini okumele isitshudeni ngasinye siyiqaphele kwabanye abantu esinobuhlobo nabo. Kungaba wubungani noma ezothando. Ubuye athinte izihloko ezithanda ukulumela uma kukhulunywa ngazo kepha akwaziwayo ukuthi bayazijabulela onkunzana ngoba basuke bengekho ngaphansi kweso labazali.
Okuseqhulwini wukuzikhethela nokuzicabela indlela eya empumelelweni yomuntu ngamunye ngakho umbhali weluleka abantu abasha ngokuthi kusemqoka ukuzithiba ungabi nguthathekile. Kusemqoka ukwazi ukuthi imfundo ihamba phambili nokunakekela impilo nomzimba wakho uma usakhula futhi uqaphele izinto ezizokuthikameza emqondweni nasemphefumulweni.
URumbidzayi uzoba yingxenye yabalobi abazocathulisa abanye eKingsmead Book Festiveli ezokuba ngoMeyi nonyaka.