ABUSEHLI ubuthongo emndenini wase-Adams Mission, eThekwini, emva kokuthola izindaba zokuthi indodakazi yawo (16) esiligodlile igama layo ukuyivikela, ibihlukunyezwa nguyise (48) ngokocansi nokusolwa ukuthi lokhu sekuneminyaka emine kwenzeka. Kuthiwa ubeyishaya waze wayikhiphisa isisu emva kokuyikhulelisa.
Elandisa Isolezwe ngalolu daba, unina wale ntombazane uthe bathole ngoMsombuluko ngenkathi bebizelwe esikoleni okufunda kuso indodakazi yakhe ngusonhlalakahle wesikole, lapho ingane kuthiwa igeqe amagula ngokuyehlele ngoba isikhathele ukufela ngaphakathi ngobuhlungu ebihlale ibuzwiswa nguyise.
Yilapho abafike khona bashaqeka kwaphela nasozwaneni kwase kubikwa udaba emaphoyiseni ngoLwesibili, umsolwa wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela. Uvele eNkantolo yeMantshi eMbumbulu ngoLwesibili, icala lahlehliselwa uLwesine oluzayo ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili.
“Kuvele ukuthi u..(emgagula ngegama) waqala ukuhlukumeza ingane iseneminyaka ewu-12, kwathi isina-13 ifunda uGrade 7 yakhulelwa - okwathi esethole lokho wayiphoqa ukuthi ihushule isisu, wagqiba umzanyana wengane lapho okwazi yena yedwa khona. Konke lokhu kuthathe isikhathi eside ukuthi sikwazi ngenxa yokuthi ingane ibihlala naye isikhathi esiningi, ifika ngokuvakasha ngapha ngakithina njengoba sekunjena manje,” usho kanje.
Eqhuba uthe ngisho sesedlule leso siwombe sokuyikhulelisa nokuyikhiphisa isisu ngenkani, ubeqhubeka eyinukubeza ngokocansi noma yinini uma ethanda bese eyigqiba ngemali futhi ehlale eyisabisa ngokuthi uzoyibulala uma idalula ebantwini akwenza kuyona.
“Kusishaqise kakhulu sonke lokhu siwumndeni ngoba yize mina naye bese sihlukene, sesihlanganiswe yizingane ezimbili esizikhulisayo, ngibala neyomfana kepha bengingakulindele ukuthi enze isihluku nobulwane obunjena endodakazini yethu.
“Kumanje ingane yami iyaphelezelwa uma inyakaza ngoba asazi ukuthi iphephe kangakanani lapho ihamba khona. Kwathina lapha ekhaya sizizwa singaphephile nhlobo ngoba asazi ukuthi usicabangelani esitokisini agqunywe kusona. Isifiso sethu wukuthi abolele ejele, angaphumi nangephutha leli,” kusho unina wentombazane.
Yize amaphoyisa engayiphendulanga imibuzo ngalolu daba kepha amarekhodi asenkantolo akhomba ukuthi likhona icala likababa oboshelwe ukudlwengula indodakazi.
Kwenzeka lokhu nje bekusabatshazwa udaba lwesishoshovu se-MK esisolwa ngecala lokudlwengula, sikhulelise indodakazi okumanje lisezithebeni zeNkantolo yeMantshi eMbumbulu.