ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini siyihlabe inhlali eyomgcagco waso okwakumenyezelwe ukuthi uzokuba ngeSonto, ngesikhathi sikhuluma eMkhosini waseSandlwana.
IMbube ayizange idlule nakancane kulo mgcagco osuphenduke insumansumane njengoba kuke kwavela incwadi okuthiwa ibhalwe yiSilo ethi uhoxile, kepha yona iNgonyama yabuye yayichitha leyo ncwadi.
Le ncwadi eyachithwa yiMbube yayiphinde iyalele ukuba kuhoxiswe abaqaphi kanye nemihlomulo kaNdlunkulu uNomzamo Myeni, okunguye okwakumenyezelwe ukuthi uzogcagcela iNgonyama ngeSonto.
Izolo, iMbube ifike emkhosini ihamba naye uNdlunkulu uMaMyeni, wafike wahlala eduze kwayo iNgonyama.
Izolo, bekulindeleke ukuthi iNdlulamithi yamakhosi icacise ukuthi umgcagco uyaqhubeka noma uhoxisiwe ngempela yini. Nokho iMbube ayizange iyiphathe kwakuyiphatha le ndaba.
Ngesikhathi yethula inkulumo, iMbube ithe ayikaze ikhulume izindaba eziningi ngenxa yokuthi isagonqile, yaveza ukuthi uMkhosi wokweShwama awukapheli.
ONgangezwe uthe - ngokomthetho - bekungafanele engabe uyile eSandlwana ngoba usagonqile, kodwa wathi uye ngoba nakhu ehlonipha uMkhosi waseSandlwana.
IMbube ithe uMkhosi wokweShwama uzophothulwa ngoFebhuwari 12, lapho kuzoshishwa khona uthi kanye nakho konke obekusetshenziswa kulo mkhosi oqhubeka esigodlweni eMashobeni.
ISilo sincome impumelelo yomkhosi, sathi selokhu uqalile liyayidliva esifundazweni, sathi lokhu kuwuphawu lokuthi umkhosi wamukelekile.
Ngaphandle nje komgcagco, iMbube bekulindeleke ukuthi ikhulume nangezinye okubalwa kuzo ezithinta isicelo sokuvalwa kwebhange Ithala, umdonsiswano wokuphatha isikhwama esigade umhlaba kaZulu, iNgonyama Trust, kanye nodaba lokuqokwa kukandunankulu kaZulu.
Isimo simapeketwane kwiNonyama Trust njengoba iSilo sabhala incwadi lapho simisa khona amalungu ebhodi kanye nezinye izikhulu.
Nakuba uNgqongqoshe wezoMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uMnuz Mzwanele Nyhontso, watshela iMbube ukuthi ayinawo amandla okumisa amalungu ebhodi, iMbube imile ekutheni kukhala isicathulo sayo kwiNgonyama Trust.
Ikomiti lasePhalamende elibhekelele ukusebenza komnyango kaNyhontso, selicele ukuba nomhlangano ophuthumayo neSilo.
Bekubhekwe nanokuthi iMbube ingamemezela undunankulu kaZulu kulandela ukuxosha kwayo, uMfu Thulasizwe Buthelezi.
Izintambo bezibanjwe iPhini likaNdunankulu kaZulu, iNkosi Phathisizwe Chiliza, emkhosini wayizolo.
UButhelezi naye ubekhona emkhosini, ubonakale eviliyela namabutho, kwathi uma sekuqala umcimbi wahamba wayohlala phambili nozakwabo abangabaphathiswa yeminyango kahulumeni.
Kepha iSilo sithe zonke izindaba zobuye zikhulunywe uma sekuphele uMkhosi wokweShwama, sathi ithuba elihle lokuthi kukhulunywe izindaba ingomhlaka kuvulwa isiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
“Ngiyaxolisa kwabamaphepha, ngiyazi ukuthi kuningi abebekulindele kimi. Ngifakwe ingubo emlonyeni. Alukafiki usuku lokuba iNgonyama ikhulume izindaba zezwe, ngikhuluma ezomndeni kuphela.”