INDAWO yokusebenzela isiphenduke isizinda sokuphathwa wukhwantalala kubasebenzi esibhedlela sabagula ngengqondo, eKuhlengeni Psychiatric, eZimbokodweni, eThekwini, ngenxa yezimo zokusebenza ezingagculisi.
Umthombo ozazi zonke ezenzeka kulesi sikhungo odonse ngendlebe intatheli ukuthi igama lawo lingadalulwa ukuwuvikela, udalule ukuthi inkinga enkulu wukuthi izinsizakusebenza azinakwa futhi azilungiswa uma seziphelelwe yisikhathi.
Uthe isimo sibi kakhulu kwabasebenza ekhishini ngenxa yokuthi yilapho umonakalo omningi ukhona, okugcina kwenza abasebenzi bangakuthokozeli nhlobo ukuya emsebenzini.
“Into ehlupha kakhulu wukuthi emakhishini asinazo izinsizakusebenza ezisemqoka njengezinqola zokuhambisa ukudla emagunjini okudlela azikho nhlobo, okuphoqa ukuthi uma abasebenzi behambisa ukudla iziguli zibe sengcupheni yokulimala ngoba basuke bephethe nezinto ezishisayo,” kusho umthombo.
Uthe ingaphakathi lesibhedlela emagunjini ehlukene okusebenza, kulenga izintambo zikagesi ezixebukile, okubeka impilo yawo wonke umuntu osesikhungweni engozini.
“Akupheleli lapho njengoba kubuye kwenzeke nokuthi kuqhume amapayipi emagunjini okuzikhulula, okwenza iphunga lendle likapakele ngalapho kusebenza khona abasebenzi basekhishini. Kuba yisimo esibi impela nje, engibona ukuthi akekho umuntu ongathokozela ukusebenzela endaweni enjeyana,” usho kanje.
Udalule nokuthi sekukaningi lezi zinkinga, aqale ukuziqaphela ngo-2023 zithulwa kubaphathi besibhedlela ukuthi bazilungise, kodwa kulokhu kunhlanga zimuka nomoya, mncane kakhulu umehluko.
“Izisebenzi ziyawuthanda umsebenzi wazo, kepha isimo ezibhekene naso senza kube muncu, futhi kudala nokuthi izisebenzi zizibone zingahloniphekile,” kusho umthombo.
Kuthintwa isikhulu esiphezulu sakulesi sibhedlela, uMnuz Mzwandile Zondo, ucele ukuthi kuthintwe abakhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni, ezeseka ngokuthi umthetho wokusebenza awuvumi bakhulume nabezindaba.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Nathi Olifant, uthe abasebenzi abanezikhalo ezithile ngendawo abasebenza kuyona kumele babhale incwadi yezikhalo ebhekiswe kubona, okuzothi bangayibona bese bebuya nombiko ophelele mayelana nokubakhalisayo.
Izilinganiso ezisekelwe ocwaningweni zibonisa ukuthi cishe ikota yabasebenzi baseNingizimu Afrika batholakala benengcindezi ngenxa yezimo zokusebenza. Nokho, phakathi kuka-15% kuya ku-25% kuphela ofuna ukuthi uthole usizo.
Ngokombiko wesibili we-Annual Mental State of the World 2021 ovela kwa-Sapien Labs, owashicilelwa ngoMashi 2022, iNingizimu Afrika ibalwa namazwe amabi kakhulu mayelana nokunakekelwa kwempilo yengqondo kubasebenzi.