UKHALE ngokudembesela komasipala ukuvala amanzi avuzayo emphakathini uNgqongqoshe wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle kuleli, uNksz Pemmy Majodina.
UNksz Majodina uthe izwe alinayo inkinga yamanzi kodwa abantu abaxhume amanzi ngendlela engafanele yibona abawamoshayo.
“Sinenkinga enkulu yokuthi kuphela izinsuku kubikwe ukuvuza kwamanzi, uthole ukuthi omasipala bayishaya indiva. Kuphela izinsuku amanzi ahlanzekile evuza, agcine ephelele emhlabathini,” kusho uNksz Majodina.
Ukusho lokhu ekhuluma esithangamini nabezindaba emhlanganweni we-ANC Lekgotla, eKempton Park, eGoli ngeSonto.
"Kuyadingeka ukuthi amanzi akhokhelwe ukuze amabhodi ahlinzeka ngamanzi angawi bhu. Uma umasipala ungawakhokheli amanzi kunengcuphe yokuthi angawa bhu phansi amabhodi amanzi ahlinzeka izifundazwe ezehlukene ngamanzi.“
Uthe uMengameli Cyril Ramaphosa, uyibeke eqhulwini indaba yamanzi kuleli.
URamaphosa ukhulume kabanzi ngendaba yamanzi evula lo mhlangano ngoMgqibelo.
Uthe akumele amanzi agcine eshoda ezweni ngenxa yokuthi awanakekelwa ekubeni eyisidingo esibalulekile.