UFUNA akhalelwe amasongo kaSigonyela owayengumsakazi weVuma FM, uLinda Ndimande, nayesebenzisana nabo, owesilisa waseMlaza, okhala ngokuqolwa izishaqane zemali.
UMnuz Mandla Mlambo, uthe ngasekuqaleni konyaka odlule, uqolwe imali engu-R275 000 yinkampani, i-Farmers Virtual Nest, ebikhangisa ohlelweni olwalusakazwa uNdimande.
IVuma yamxosha isigubhukane uNdimande ngoJulayi nyakenye, ngaphandle kokubeka izizathu.
Elandisa ngomshophi owamehlela uMlambo uthe wakhangwa indlela le nkampani eyayithi isebenza ngayo ezingxoxweni ezaziba khona njalo ohlelweni lukaNdimande.
“Owayeyikhangisa kwakungowesilisa owayezibiza ngoFanele Gumbi, owayeveza ukuthi uthenga imfuyo, bakugcinele yona isikhathi esithize, bese ulokhu uthola isamba semali ethize inyanga nenyanga emva kwezinyanga ezimbili uyithengile,” kuchaza uMlambo.
Uthe ngale kwemfuyo, uGumbi wayebuye athi badayisa nezilwane zasendle, izinyamazane okukhona kuzo imigakla nezinyathi.
“Mina ngathenga izinyathi eziyisihlanu, yayibiza u-R55 000 iyinye. Kwakungu-Ephreli nyakenye ngizikhokhela. Ngangilinde ukuthi maphakathi noJuni, ngiqale ukukhokhelwa u-R45 000 inyathi ngayinye, inyanga nenyanga,” kusho uMlambo, othe lokho kwavele kwangenzeka zisuka nje.
Uthe uGumbi waqala wabalula ukuthi uJuni 15, 2024, wawumi kabi ngoba wawuqondene nempelasonto.
Uthe wathembisa ukuthi uzokhokhelwa ngoJuni 22, 2024, nokungenzekanga nakho njengoba akhala ngokuphazamiseka kwezinhlelo zokukhokhela abantu enkampanini, imatasa nokulungisa ezobuchwepheshe.
Uqhube wathi emva kwalokho wamtshela ukuthi awungashayi u-Agasti engakhokhelwe nokungamsizanga njengoba engakhokhelwanga, maqede uGumbi waqala waziba izingcingo zakhe.
“Sengibona ukuthi ngiqoliwe, ngathinta yena uLinda ngqo, ngambuza ngobugebengu ababenza noGumbi, wanginxusa ukuthi ngimnike izinsuku ezintathu ukuze alulungise lolu daba,” kusho uMlambo.
Uthe emva kwalokho, uNdimande wabe esemziba naye.
Uveze ukuthi uluphenyile lolu daba yedwa, waze wathola nokuthi ikomkhulu lenkampani uGumbi ayethe lisePitoli, kwakuyimbudane.
“Ngaze ngaya nasehhovisi labo eliseThekwini, lapho engafica khona umabhalane, owayengazi ukuthi inkampani iqola abantu, owagcina evuma ukuthi uzosebenzisana namaphoyisa ngakho konke azokudinga,” kusho uMlambo.
Udalule ukuthi waya esiteshini samaphoyisa saseWorkshop, wakhuluma nomphathisiteshi owazenza umuntu oluthathela phezulu udaba, ngokubiza amanye ama-unit amaphoyisa, waze wathi azolusebenza, maqede kwathi nya.
Uthe uze wabona umnyakazo ngoba esehambe wayovula icala esiteshini saseCato Manor, lapho eqale khona wezwa nokuthi uphenyo luqhubeka kahle.
“Ngifuna kuboshwe uGumbi noNdimande. IVuma ngifuna ingiphendule ekutheni ivuma kanjani ukuthi umsakazi wayo aqole abalaleli imali esebenzisa isiteshi,” kusho uMlambo.
Okhulumela iVuma FM, uMnuz Vusi Shangase, uthe uyalwazi lolu daba bake bakhuluma noMlambo. Uvumile ukuthi uGumbi wayeke azwakale ohlelweni lukaNdimande lapho ayembiza khona njengesivakashi ezoluleka abantu besilisa ngezinto ezehlukene empilweni.
“Ukusebenzisana kwabo kwaba yinto eseceleni eyayingasihlanganisi isiteshi. Sanqandwa yilokho ukuthi kube khona icala esilivula emaphoyiseni,” kusho uShangase.
Uthe uNdimande wahamba kwiVuma ngoba sekuphele inkontileka yakhe yokusebenza wathi eyezikhalo zabantu abaqolwe yinkampani eyavela ohlelweni lwakhe yinto engasekho.
Ucingo lukaGumbi belungangeni, olukaNdimande belukhala kungabanjwa.