UFUNA umthetho usebenze, anikwe isijeziso esimfanele owesilisa owamshaya eyosiza osebenza kwabezimo eziphuthumayo esibhedlela iMontebello, eNdwedwe.
Umsolwa kubikwa ukuthi uzovela eNkantolo yeMantshi yaseNdwedwe, ebhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza.
Ngokusho kukamgilwa, uMnuz Mfanafuthi Luthuli, isigameko senzeka ngasekuphelini kuka-Okthoba, ngonyaka odlule, umsolwa waze waboshwa ngoDisemba.
Elandisa ngesigameko, uthe yena nozakwabo babizelwa endaweni yesigameko eSigedleni, eNdwedwe, kulandela ukugingqika kwemoto nabantu abane.
Uthe bafica abathathu belele phansi, owesine emile, engalimele ndawo.
“Njengenjwayelo nangokulandela indlela yokusebenza, sabheka ukuthi ubani kwabalele phansi olimele kakhulu, saqala ngaye,” kusho uLuthuli.
Uthe yilapho lona wesilisa owayengalimele, wababhozomela khona, efuna ukuthi bayeke ababemsiza, baqale ngoyise kuqala.
“Ngathi ngizama ukumchazela ukuthi umthetho uthi kufanele ngiqale ngalo olimele kakhulu kuqala, kwabe sengizithintele, wangingena ngequpha, kwaqhuma izinhlansi,” kusho uLuthuli.
Uthe lona wesilisa, wagcina ethola ukuthi wuye obeshayela imoto, waqhubeka nokumshaya, waze wamlandela nenduku.
“Wangidinda ngayo ngaze ngabaleka ngangena emotweni, sasuka sahamba nozakwethu wesifazane enganginaye,” usho kanje.
Uthe babuye bacabanga ukuthi kuzosolwa bona ekugcineni ngokushiya abalimele kanjalo, ngakho babuyela emuva, bayobasiza.
Uthe akabange esaqhubeka nokulwa lona wesilisa kodwa wayelokhu ebasabise njalo ngokubaceba ezikhulwini eziphezulu zoMnyango wezeMpilo, okukhona kuzo ngisho noMphathiswa uNkk Nomagugu Simelane, wathi emva kokuzishiya ezandleni zodokotela iziguli, wanikela emaphoyiseni eyovula icala. Udalule ukuthi udaba lwabikwa ezinhlakeni ezifanele zomnyango.
Uthe umsolwa, okuvele ukuthi nakuba engowaseNdwedwe kodwa usezinze eNanda, nokuholele ekutheni kube yima eboshwa ngoDisemba, wathi uyabufuna ubulungiswa ngesigameko njengoba impilo yabo ihlale isengcupheni uma beyonikezela ngosizo oluphuthumayo.
“Ngiyabufuna ubulungiswa ngalesi sehlo ngoba akukho okubheke eceleni engakwenza. Ngalandela umgomo esawufundiswa, wokuthi uma sifika endaweni yesigameko, sifike sihlole iziguli ezilimele, bese siqala ngaleso esilimele kakhulu,” kulandisa uLuthuli.
Uthe uyise kamgilwa wayehuzuke kancane edolweni futhi edle amanzi amponjwana.
“Kulaba abanye kwakukhona ababephuke ezindaweni ezibucayi. Kwakuphoqa ukuthi siqale ngabo,” kusho uLuthuli.
Uqhube wathi uzwe kancane ukuthi umsolwa nomndeni wakhe sebefuna kuxoxwe, nokho wathi akasazimisele.
“Babenethuba lonke lokuthi bangifune baze bangithole, masinyane emva kwesigameko kodwa bangakwenza lokho. Bathule isikhathi eside.”
Uthe akayikholwa eyokuthi bayaxolisa ngempela, waphinde wathi abantu kufanele bazi ukuthi nabo bangabantu futhi basuke benza umsebenzi wabo, abafundisiwe ngawo.
“Asikho isidingo sokuthi sishaywe. Ngokusuku lwesigameko, asifikanga sekwedlule isikhathi, safika kahle, yena wadinwa ukuthi asiqalanga ngomzali wakhe njengoba ayefuna,” kusho uLuthuli.