SEBEGXEKWE abaningi abangani bomculi wokholo uThinah Zungu, uMfundisi Striker Shange waseNanda nenyanga uKhehlelezi ezakhele udumo eThekwini.
Laba babonakale njengabanye babangani bakaThinah abazogqama ohlelweni oluveza impilo yalo mculi, oluthi Thinah SingoZungu, olukhonjiswa kuMzansi Magic, ngeSonto ngo-7 ebusuku.
Kulolu hlelo uThinah ubememe laba bangani bakhe ukuthi bazodla naye isidlo sasebusuku.
UKhehlelezi uyena ofike kuqala nokuthe uma kufika uStriker kwacaca ukuthi kukhona okungeke kuhambe kahle.
Indaba yabo iqale nje besaphikisana ngendlela okumele babingelelane ngayo.
Kuthe zisuka kwase kungena indaba yokuthi ubani okumele akhothanyelwe phakathi kukaJesu namadlozi.
Laba bobabili babenokungaboni ngaso linye, nokuthe ngokuhamba kwesikhathi uThinah waveza ukuthi ubefuna ukubahlanganisa ngoba bangabangani bakhe futhi ufuna bazane.
UStriker uvezile ukuthi akathandi ukuzihlanganisa noKhehlelezi, nokugcine kufakazelwe uThinah, othe uStriker wake wamtshela ukuthi kumele ahambele kude nale nyanga.
Enkulumweni yabo kucacele noma ubani ukuthi abafunani.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu baveze imibono ehlukene ngokuxabana kwabo.
@MamaThatii uthe: “Ngiyavumelana noMphostoli, nami angifuni ukuzihlanganisa nezinto ezenziwa izinyanga kodwa ngingaba umngani wazo futhi ngiyakuhlonipha abakholelwa kukhona njengoba nami ngingathanda bakuhloniphe engikholelwa kukho.”
@Kolisa Yola Sinyanya (PhD) uthe: “Izimfundiso ezafika nabangebona abakuleli zadala umonakalo ebantwini abamnyama. Ukuba yikholwa yikhona okuhamba phambili kunokugcina amasiko abo.”
@UNtlatywa uthe: “UThinah akenzanga kahle ngokumema abangani bakhe azi kahle ukuthi bakholelwa ezintweni ezingafani, okubi futhi akwenzile ukuveza ukuthi uStriker wamtshela ukuthi akahambele kude noKhehlelezi.”
U-@phumla_mpila uthe: “Impi ekhona phakathi kwabantu abamnyama namakholwa ebala elimnyama ngento ethinta ukukhonza idlozi ngeke ize iphele manje.”