KUNOVALO ngokuqothwa kofakazi abawokhiye ecaleni lokusocongwa kukaloyo owabe enguSihlalo we-ANC KwaMakhutha, uMnuz Smanga Celimpilo Zulu (32).
Umufi okuthiwa wayephinde abe ngusomabhizinisi, wadutshulwa wafa ese-salon yakhe engaphandle kwaseCostal College, KwaMakhutha.
Isigameko kuvela ukuthi senzeka ngo-Okthoba 12, 2020 ngezithuba zantambama. Abanye ababili ababekade benaye umufi baphuthunyiswa esibhedlela bagcina bewuphonsile umbalane.
Kusolwa ukuthi ukusocongwa kwakhe kwakuyamene nenhlese yezepolitiki. Ngemuva kwezinsuku ezine kuya kwezinhlanu bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela abasilisa abathathu okuyibona abangabamangalelwa kuleli cala.
Lapha sikhuluma ngoMnuz Sikhalo Mzulwini ongummangalelwa wokuqala, uMnuz Vusimuzi Khuzwayo ongummangalelwa wesibili kanye noMnuz Nkanyiso Maphumulo ongummangalelwa wesithathu.
Laba basolwa ngokuthi yibona abadubula umufi wafa ngosuku lwesigameko maqede bashaya bachitha ngemoto i-Nissan Almera empunga.
ENkantolo eNkulu yaseThekwini bekulindeleke ukuthi liqale ukuqulwa okokuqala leli cala kodwa kwagcina kungenzekanga lokho.
Kuvele ukuthi kuneminingingwane emqoka kakhulu okusamele abamele uMbuso nabameli babasolwa baqale baxhumane ngayo.
Ngesikhathi bengena enkantolo abasolwa bebezifihle ubuso ngamakhuphahethi.
Umthombo osondelene kakhulu naleli cala upotsholezele Isolezwe ukuthi liqala ukuqulwa nje vele sekunofakazi ababili abawukhiye esebelele kobandayo okuyinto umndeni kamufi ongeneme ngayo.
Kuvela ukuthi bobabili labo fakazi babulawe ngokudutshulwa. Ufakazi wokuqala yiloyo okuthiwa wayekhona endaweni yesigameko nobekulindeleke ukuthi abe ngufakazi oqanda ikhanda uma sekuqala ukuqulwa kwaleli cala.
Ufakazi wesibili kuvela ukuthi ngowesilisisa obesondelene nabo abamangalelwa futhi owatholwa nesibhamu okukholakala ukuthi sasetshenziswa mzukwane kubulawa uZulu.
Wabe esegwetshwa iminyaka emihlanu kodwa wagcina esehlala ejele iminyaka emithathu nohhafu.
"Kuthe esephuma ejele bamane bambulala ngoba bebazi ukuthi ungufakazi obaluleke kangakani kuMbuso mayelana naleli cala,'' kuchaza umthombo.
Umthombo uveze ukuthi ummangalelwa wesibili uyena “owanxenxa ummangalelwa wokuqala nowesithathu ukuba bamlekelele kusocongwe umufi”.
Umthombo ukholwa ukuthi kukhona ungqondongqondo ongemuva kwaleli cala nokunguyena owakhipha umyalelo wokuthi kusocongwe uZulu.
"Kodwa uzogcina etholakele ukuthi ungubani futhi lokhu kuhlela kwakungani akwenza,'' usho kanjena.
Uthe ubufakazi balokhu ukuthi abamangalelwa bobathathu bamelwe abameli beqophelo eliphezulu nabanolwazi olunzulu lwezamacala asezinkantolo ekubeni bengasebenzi.
Ngaphakathi enkantolo umsolwa wokuqala uMzulwini kuke kwanesikhathi lapho abebhoka khona ngolaka ekhala ngokuthi akayithandi into yokuthi uMbuso nomphenyi wecala bedane beya kunina beyomphonsa ngemibuzo mayelana naleli cala.
Isolezwe litholile ukuthi lo mmangalelwa uzama ukunqanda indaba yokuthi kungahlaluki enkantolo ukuthi ngekabani imoto eyasetshenziswa ngosuku lwesigameko.
Kuvela ukuthi imoto yayikade ishayelwe uyena ummangalelwa wokuqala kodwa akusiyona eyakhe ngekanina.
Ngaphambilini i-ANC yezwakalisa okukhulu ukudumala ngokubulawa kukaZulu.
Icala kulindekele ukuba liqhubeke namhlanje.