UKUXOLISA kuze kube kabili ngokwethuka uNobhala Jikelele weMK, uMnuz Floyd Shivambu, akuzange kuyikhiphe obishini indodakazi yomholi weqembu, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla.
I-MK iyaqhubeka nohlelo lokuthathela uNkk Zuma-Sambudla izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe.
Lokhu kuvezwe iPhini likaNobhala Jikelele weMK, uNksz Nombuso Mkhize, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, eGoli izolo,
UNksz Mkhize uthe umhlangano wabaholi beqembu obungesonto eledlule uvumelane ngokuthi iqembu liqhubeke nohlelo lokuthathela uNkk Zuma-Sambudla izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe.
UNkk Zuma-Sambudla wachapha uShivambu ngenhlamba embhalweni awufaka ezinkundleni zokuxhumana.
UNkk Zuma-Sambudla waze waxolisa kabili ngokwethuka uShivambu emva komyalelo womholi weqembu, uMnuz Jacob Zuma, owaveza ukuthi uzothathelwa izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe, aphinde akhishwe ezikhundleni uma engaxolisi ngokushesha kuShivambu.
Exolisa okokuqala, uNkk Zuma-Sambudla akazange axolise kuShivambu kodwa waxolisa kuZuma nakumalungu eqembu.
Wabuye walifaka igama likaShivambu ngesikhathi esexolisa okwesibili.
UNksz Mkhize uthe ngesikhathi kunomhlangano wabaholi beqembu, ngoLwesithathu, uZuma wakubeka kwacaca ukuthi abaphula imigomo yeqembu kufanele bathathelwe izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe.
“UZuma ukubeke kwacaca ukuthi i-MK inemigomo ecacile, okufanele ihlonishwe yiwo yiwo wonke amalungu eqembu. Uthe uma kukhona abaphula imigomo yeqembu kufanele bathathelwe izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe. Ngithi angikuveze ukuthi siyawulandela loyo myalelo kaZuma.
“Sesiqalile ukulandela lokho okushiwo imigomo yeqembu. Isigaba sesithupha somthethosisekelo weqembu siyasho ukuthi iluphi uhlelo okufanele lulandelwe uma kukhona ilungu leqembu elenza okuphambene. Imigomo isho nokuthi isiphi isigwebo esitholwa umuntu ophule imithetho.”
UNksz Mkhize uthe ngokomthetho weMK, kufanele kuhanjiswe umbiko ehhovisi likaShivambu, ozochaza amacala kaNkk Zuma-Sambudla.
UNksz Mkhize uthe emva kwalokho ihhovisi likaShivambu lizokube selihambisa umbiko ehhovisi lomshushisi weqembu.
“Odabeni lukaNkk Zuma-Sambudla, ngithanda ukusho ukuthi luyaqhubeka uhlelo lokuqondiswa ubugwegwe.”
Ekhuluma esithangamini esifanayo, uShivambu uthe sesiphelile isikhathi sokuzenzela umathanda kwi-MK.
“Bazothathelwa izinyathelo bonke abenza okuphambene nomthetho. Ngeke sibabekezelele abantu abazenzela umathanda. Le nto yokungaziphathi kahle kwamalungu eqembu ibeka ikusasa leqembu engcupheni. Uma singabhekile iqembu lizoshabalala.”