MHLELI: Inzukazikeyi yabaphikisana nokuqokwa kwenkosana yesizwe samaZulu, okuyizinyane leSilo esikhotheme uMdlokombane, iSilo uMisuzulu, seluqalile uThukela ukungenisa enhla nezwe, kungekudala luzoza nezingodo, wena mfuyo ngisho nabantu imbala.
Lokhu ngikhulunyiswa ukungenelela kwezinduna eziphethe amabutho eSilo, eyaSobuka olwabuka inhlangu yafa kanye neyaseHlalankosi, KwaNongoma.
Ngike ngayisho le nto phambilini, amabutho eSilo anabakhuzi bempi njengamasosha bayalawulwa yizinduna njengoba sekukhona ezikhombisa ukucikeka ngabahlambalaza iSilo, kungekudala kuzonyakaza wonke amahostela.
Sebelimise ngesihloko elokuthi isihlalo esihlezi iSilo singesesizwe samaZulu, nami-ke ngangivele ngishilo phambilini ngaze ngathi akumele bathathe isihlalo esihlezi iNgonyama yethu njesijingi sethanga noma ibhece eliphakelwa izingane zenkosikazi endlini yangenhla.
Eqinisweni sesibekezele kakhulu besina bezibethela, begcogcoma phezu kwekhanda lomlomo ongathethimanga.
Kwakumele kubethuse maqede bagxajelwe yizisu lapho bebona amabutho ayengangoZulu eya eMakheni mhlazane kuyihlambo nokuhlanzwa kwezikhali zikaMdlokombane.
Selokhu kwathi nhlo noma yimuphi umnumzane enxulumeni lakhe akukaze kuqhamuke umuntu amqokele inkosana egabe ngokuthi ungowomndeni. Sesicikekile ngalolu daba osekunesikhathi baluxova okukhombisayo ukuthi badukuza kwelimnyama idlinza leli. Lo mlilo bawuphemba besahlangane, kwabona sibathole sebehlukene phakathi kwabambona efanele isihlalo. Kuhlale kunjalo entweni enobuxoki phakathi.
Sekufike lapho khona isithanda ukungalawuleki le nto uma sekudinwe ngisho izinduna eziphethe amabutho esizwenI samaZulu kodwa-ke ngangishilo ngathi lukhulu luyeza. Esikhuluma ngabo lapha kuseyibo labo okugijima igazi lokhokho babo emithanjeni yabo. IsiZulu sithi iphikankani libona ngomopho, sengathi kungekudala izonyathela amasimba abantwana uma silalela indlela esezicikeke ngayo izinduna zamabutho. Sengathi seziphekwe zaba mbili, sekuyovuthwa esiqili, soyicela ivuthiwe sesibondwe sabekwa iphini ngaphezulu. Lokhu abakwenzayo wukuhlaza isizwe samaZulu esihlonishwa umhlaba wonke ngenhlonipho esiyikhombisa kwezinye izingonyama zezinye izizwe kwelengabade nasezwenikazi, i-Afrika.
Sipho Robert Mpungose
Eshowe