KUNEZINTO eziba yisisekelo esihle kumuntu ofuna ukukwazi ukuba ngumuntu phakathi kwabantu kuyo yonke inhlobo yezimo. Angiqale ngokuveza ukuthi lokhu ngakufunda kugogo wami owangikhulisa, okwakuthi akakudle akufele uma uyingane enomkhuba wokucela into ngenxa yokuba nenhliziyo engaphandle.
Le ntokazi yaseMaNgadini, ezala umama, yayikholelwa kakhulu ekutheni ukuze uphile kumele ukusebenzele lokho, ungajabuleli ukuphiwa. Futhi wayethi kwehlisa isithunzi ukucela ukudla.
Ngikhule-ke emakhaya lapho amanzi ekhiwa emfuleni. Wayengavumi ugogo ukuthi ufike usuthela amanzi ugeze kodwa ungawakhanga. Kule ndawo sasibasa phansi ukuze kuphekwe, kuphilwa ngokulima amasimu nezingadi. Izinkuni zazilandwa kude le ehlanzeni, ukuze kulungiselelwe ukupheka. Laphaya kwakuboshelwa izinkabi ngovivi, kuphume isipani siyolima ekuthwaseni kwehlobo, kutshalwe wena mmbila, wena mabele, izindlubu, imbumba, izintanga, amabhece, okuyothi sekuvunwa kuswelakale indawo yokukubeka ngenxa yokugcwala kwezinqolobane. Amagceke nophahla lwezindlu kwakuqaqelwe amathanga, ogubungu, ojeleza, wena bhatata, kunjeyaya.
Nalapho sekungena ikwindla, amabombo ayebhekiswa ezingadini ezazilinywa eduze kwamaxhaphozi sekutshalwa izivande zamaklabishi, otamatisi, amashaladi, izipinashi nokunye okuningi okuhlobene nakho. Yonke le nto, eyabe isuke ilungiselwa ukuba kudliwe, abantu bangabhekani nendlala, yayisetshenzelwa ngezandla futhi kungekho ukuthi kukhona uhulumeni ozofika azokufunza.
Ngithini? Sikhalakathele esiseleni esibana sokuba yisizukulwane sokukhangezwa. Sonke, singene shi, siphila emangeni okuthi sizovuka kusasa izwe selingcono. Ngamlingo thizeni. Size sidemelayise kade silalele inkulumo kaMengameli esikhulumela ilumbo elithi uhulumeni uzoqeda indlala. Inkinga ngenkemane ukuthi iyisimo samanje sokuthi uzolala ungadlile nje kwaphela. Manje-ke inkulumo yezethembiso nesabelomali izokuletha kanjani ukudla kwanamuhla kusihlwa?
Sizongenza emlandweni njengesizukulwane sabantu abayimikhovu kamagenda wepolitiki, abagijima baze babhashe bethenjiswa ukuthi bazovulelwa amathuba okuqala amabhizinisi, ekugcineni benze umsebenzi wokufukula imindeni embalwa bona ezabo izingane zisale zincela izithupha.
Kuyisici esibi kithi esiphila kule mihla ukuthi sidinelwe iMelika ehoxise izimpothulo ebisikhangeza zona iminyakanyaka. Yonke le minyaka sicabanga ukuthi kukhona esikwenzayo kanti singojabulakuphakwa beMelika? Singamsola nje uMnuz Donald Trump uma sithanda, uyeke into ebiyenziwa ngokuthanda kweMelika, uma nayo isibhekene nendlala ayikwazi ukondla kweminye imizi.
Kumele sizibuke thina, sibuze nakubaholi bethu ukuthi basenza omakhangezwa isikhathi eside kangaka ngoba kwenzenjani? Sengiyabona. Yile nto-ke ugogo wami ayeyibalekela - ukuthi uvame ukuphiwa uze ubabale ukhohlwe ukuthi uzenzele wena. Yingakho-ke amazwe aseNtshonalanga esibiza njengezimaku zawo ukuba sizochaza ukuthi siphethe kanjani emazweni ethu. Usho njalo phela uhulumeni wakithi - wathi usazoya eWhite House uyocacisa ngomthetho we-Expropriation Act.
Ngiyiklume, ngiyavuma, kulezi zindaba zombusazwe wamazwe. Futhi angisophinde ngavuthwa ngoba namadolo aseqinile vele. Yingakho-ke ngingangeni kokuningi. Ngihleli lapha ekutheni isitha esikhulu somuntu yindlala, ngaleyo ndlela thina bantu nobuholi bethu asikhuthaze ukuzenzela, sandise ukudla kwezingane zethu ngaphambi kokuhalazelela ukunotha ngokuhweba ngalokho kudla.
Okwamanje impilo yethu ingamanga. Umsebenzi kahulumeni, uma kunje, ukuvikela ukudla okukhiqizwa ezweni ngokuthi welekelele abantu basebenzise izandla enhlabathini. Lokho kuzoyimisa indlala, bese kuqhutshekwa-ke namanga amandla omnotho ngoba vele leyo sekwaba yimpilo.
Le mali yesibonelelo ekhangezwa abantu kayithi shu. Abazali abaningi bayakhala ngo-R350 (ngiyazi isingaphezulu kodwa isabizwa kanjalo) ngoba entsheni ngelanga okungena ngalo le mali amathaveni nezipoti kuduma kuze kuse. Ngisho ishibhi elihlale livaliwe, liyavulwa ngezinsuku zokuphuma kwemali yesibonelelo. Angethi inganekwane, ngisho into ekhulunywa omama bezikhalela ngokubola kwesimo emakhaya.
Kusho ukuthi nalabo R350 bangamanga afana nomanyolo wokwandisa ububha. Ngelinye ilanga uhulumeni iyomphelela le mali, kuyosuka umbhedukazwe abantu begwamanda le mali. Ingasekho. Ivele isiyaphela njengoba sekunconzulwa esabelweni sezingane kwezemfundo nesemithi kwezempilo. Kufanele-ke njengezwe sinqume ukuthi siyaqhubeka namanga empilo, lapho sethembisa abantu ubukhazikhazi bamahhala obusatalagu, noma sakha isizwe esenqaba ukuphendulwa okhangezile.
Ngiyazi ukuthi lokhu engikushoyo akubavuni osopolitiki abasakhafula uhubhu lukabhejane namanje bethi bazoletha ushintsho ekubeni iqiniso lithi kufanele bayokhongozela kobasi bethu eMelika, emaNgisini, eChina naseRussia ukuze bafihle amanga. Ngelinye ilanga siyophaphama sesigqibeka ethuneni lobubha obunganqamuleki nasezizukulwaneni ezizayo. Lapho la mazwe asenza ibhola lomnqakiswano ayobe egigitheka njengoQalo noBilo basendulo.