MHLELI: Abantu baseNingizimu Afrika kuzomele bakuqondisise ukuthi iSilo siphethe amabutho ngakho-ke sidinga ukuhlonishwa. Ukuze sihlonishwe kumele naso sizihloniphe. Ngalawo mazwi angiqondile ukuthi asizihloniphi kodwa sekumele iSilo sikwazi ukuhlukanisa phakathi kokuba ngumuntu nje nokuba yiSilo.
ISilo singesethu, sibusa thina ngakho-ke asizukuzimela izinto ezizokwehlisa isithunzi saso nesasendlunkulu yakithi kwaZulu. ISilo esibusayo, uMisuzulu kaZwelithini, asihlonishwe bakwethu njengoba bekuhlonishwa uyise. Asikho iSilo esiphoswa imibuzo yizintatheli, kungezona zodwa nayinoma ngubani nje. Inkosi iba nondunankulu nomkhulumeli kanjalo nendlunkulu yonkana. Lokhu kuwuphawu lokungasihloniphi iSilo, kuyasijivaza isithunzi saso.
Asikhumbule ukuthi iSilo naso singumuntu, sizophendula ngokunganaki kanti sesiyinyathela emsileni ngoba sixinwe ngemibuzo bese kuthiwa siphoxile, sijike sigxekwe bese sehlelwa yisithunzi. ISilo sethula inkulumo, hhayi ukuthi sibuzwe imibuzo! Mameshane…. Bengobani labo ababuza umlomo ongathethimanga!!! Sicela abeluleki beSilo benze umsebenzi wabo, ayingashintshi inqubomgomo yasendlunkulu ngoba lolu shintsho luzojivaza isithunzi sendlunkulu.
Abezepolitiki mabaphume bephele okwembewu yamazambane endlunkulu uma bengezile ngezinhlelo zokuletha isabelo zimali.
Izinqumo nemihlangano yasendlunkulu akube ngeyendlunkulu, hhayi phatha phatha uNdunankulu uZikalala usenomhlangano nendlunkulu, kade sayibona ingqondo ye-ANC nokufuna ukuqeda isithunzi sendlunkulu.
Ngizobala okumbalwa; ngo-2015 ihhovisi likaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu lahlongoza ukuthi izibongo ezalahlekelwa ukuba yizilo kwazo ngesikhathi seLembe mazifake izicelo zibuyelwe ukuba yizilo. Eminyakeni eyedlule uhulumeni wahlongoza ukuvalwa koMkhosi woMhlanga, kuningi nje.
Konke lokho luyabuka ubuka! Siyacela kuBayede oNgangezwelakhe ukuba angavumeli izinto ezizojivaza isithunzi sasendlunkulu yakithi kwaZulu, ikakhulukazi amaqembu ezepolitiki ngoba yiwona azoyiwisa bhu phansi. Sesiyozitshela ukuthini izizukulwane ezilandelayo ngendlunkulu uma izofa ngathi? Ipolitiki isilibulele izwe, sicela kuwe Ndaba ukuthi usigadele ngobunono bekati ubuqhawe nomlando beLembe nendlunkulu.
Ngiyojabula uma le mizwa yami ingafinyelela endlunkulu nasemphakathini ukuze nabantu baphefumule ngayo kuphinde kube noshintsho ngoba nginesiqiniseko ukuthi bayidlanzana abamzila munye nalesi sinqumo yikhona ukuthi abazi ukuthi bazomemeza bani kusabele bani.
Obhalile uBonginkosi Nduduzo(Chansa) Zulu
ETHEKWINI