MHLELI: Kubalulekile ukuthi sibabaze imisebenzi kaJehova. Ngihlabeke umxhwele ngibona intombi endala yakoSontshikazi igubha ukuqeda iminyaka engu 92 idla anhlamvana.
Okwangijabulisa ukuthi ongabonwa enze konke okusemandleni ukuthi ngizibonele ngawami amehlo, ngingezwa ngabantu. Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi kusuke kuyisibusiso esikhulu uma ufike kule minyaka futhi kusuke kukhomba ukuthi usuke usondela kakhulu kuSomandla.
Nami ngathi ngithwabaza ngesonto eledlule, ngazithola sengingena emzini wentombi endala yakoMthiya. Okwangimangaza ukuthi ngayifica ingazibekile phansi isusa ukhula olwaluqaqele engadini.
Ngathi uma ngiqeda ukubingelela, ngafuna ukukholwa ngokubona njengoThomas waseBhayibhelini, ngamjijimeza ngombuzo wokuthi ngabe kuyiqiniso yini ukuthi usehlanganise iminyaka engu 92? Ngabamba ongezansi uma umuntu osephile le minyaka esenamandla okususa ukhula. Konke lokho kwakusasho imilingo kaJehova.
Yathi uma iqeda ukuvuma intombi yasemaMbatheni, ngase ngiyibongela, ngayishiya nomphako wokuthi kumele ibe seduze noJehova izikhathi zonke. Okwenza kuqhilike izihlathi ukuthi owakoManyosi, akubalule ukuthi yize zikhona izivunguvungu kodwa ukuthatha njengesibusiso ukuphiwa le minyaka nguNkulunkulu. Yilapho-ke engabona khona ukuthi uJehova usebenza emfihlakalweni, yingakho-ke kubalulekile ukuthi silokhu sifakaza ngemisebenzi yakhe emihle.
Eminyakeni edlule, baningi abantu ababephila baze badonswe ngezikhumba, ngenxa yokumesaba nokumazisa Ongabonwa. Yingakho-ke ngithi unwele olude Mpangazitha, ukhule uze usike esimhlophe.
Z Ntombela
e-DURBAN NORTH