PHEZU kokugxekwa nxazonke kwezinhlelo zeSouth African Tourism zokuxhasa iqembu lase-United Kingdom, iTottenham Hotspur cishe ngoR1 billion, kodwa ibamba lesikhulu esiphezulu sale nhlangano, uMnuz Themba Khumalo lithi bahlabela phambili nesinyathelo njengoba sizoheha izivakashi ukuthi zithutheleke kuleli.
UKhumalo ekhuluma esithangamini sabezindaba izolo, uthe asikho isivumelwano esisasayiniwe neqembu njengoba ibhodi belisabagunyaze ukuthi bayoxoxa nazo zonke izinhlaka ezithintekayo, okubalwa noMnyango wezokuVakasha, kanjalo nezinhlaka ezithinteka ezifundazweni ngaphambi kokuhlabela phambili naso.
Uthe abaxhasi baleli qembu njengoba likunobhutshuzwayo bazokwenza inzuzo enkulu ngokwandisa izivakashi ezizoza kuleli minyaka yonke.
Imibiko yabezindaba ithe le nhlangano ihlela ukuxhasa iqembu eligijima kwi-English Premier League.
Kube nemvunge ezinhlakeni ezehlukene, kukhalwa ngokuthi le mali ingaya ezintweni ezinjengokulungisa inkinga yokucinywa kukagesi nezinye izinkinga ezibhekene nezwe, okubalwa nezinga eliphezulu lobugebengu nezinye.
“Asikho isivumelwano esisisayinile neqembu. UNgqongqoshe wezokuVakasha, uNksz Lindiwe Sisulu, akanalwazi ngalolu daba ngoba besingakamchazeli lutho. Ibhodi lisasigunyaze ukuthi sihambele izinhlaka ezehlukene, sizichazele ngalesi sinyathelo sokuthi sisebenzisane naleli qembu. Besingakalwenzi uhlelo lokuhambela izinhlaka ezehlukene njengoba sekumane kwaputshuka eyalesi sinyathelo ekubeni kayikho into obekusavunyelwane ngayo.”
Uthe bakhethe leli qembu ngoba yilona kuphela ebelingenabudlelwano bokusebenzisana uma liqhathaniswa namanye asohlwini lwenza kahle.
Ukhale ngokuthi le mali akuyona eyokulungisa izinkinga zikagesi, noma imigwaqo ngoba ikhona iminyango ebhekele ukwenza lezi zinto.
“Okwethu wukuthi sihehe izivakashi ukuthi zize kuleli ngoba zisebenzisa imali enkulu (uma sezisezweni). Asizogcina ngezithinta unobhutshuzwayo kodwa neminye imikhakha sizongena kuyona ngoba okubalulekile wukuthi umengameli wabeka ukuthi ngo2030 kumele kube sekunezivakashi ezingu-21 million ezweni.”
Esithangami kuvele ukuthi ziningi izivakashi zase-UK naseUSA eziza kuleli minyaka yonke.
Lezi zivakashi zala mazwe kuthiwa zichitha ngaphezu kukaR20 billion uma zikuleli.
UKhumalo uthe isivumelwano naleli qembi singafaka ngaphezu kukaR88 billion njengoba bona bezochitha uR1 billion.
I-DA ithe uNgqongqoshe weZimali, uMnuz Enoch Godongwana, kumele athathe le mali ayifake ezinhlelweni zokulungisa izinkinga zezwe njengekagesi.