KUNEZINTO esikhule kubikwa ukuthi ziyenzeka ebantwini besifazane uma bekhulelwe, ezinye zazo eziyiqiniso bese kuba khona nezinye ezaze zathatheka ngokuthi ziyiqiniso, kanti akunjalo futhi akukho okufakazela ubuqiniso bazo okuhlolwe ngabezempilo.
Isikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health sinikezela ngamathiphu ezinto ezinjalo abantu okumele baziqaphele futhi bazazi ukuze bagweme ukukhuluma nokukholwa yizinto ezingekho nezingenabuqiniso ezenzeka noma zibonakale kumuntu wesifazane ozithwele.
1. Wukuthi umuntu wesifazane okhulelwe udlela abantu ababili
- Nakuba ukukhulelwa kwandisa isidingo sokudla emzimbeni, kodwa lokhu akuchazi ukuthi uma udla usuke usudlela abantu ababili ngesikhathi esisodwa. Umuntu wesifazane udinga amandla angeziwe angalinganiselwa ku-300 ohlobo i-calory uma esasesigabeni sokuqala nesesibili sokukhulelwa ukuze ukukhulelwa kwakhe kuqhubeke kahle, kodwa nalapho futhi kumele agxile ekudleni okunempilo kunokudla ukudla okuningi okungenamsoco odingeka emzimbeni. Ukudla ngokweqile kungakudalela ukukhuluphala okungenasidingo, futhi kumbeke engcupheni yokuphathwa yisifo sikashukela obekungagwemeka.
2. Ukuthi ukuphalaza kwenzeka ngezikhathi zasekuseni kuphela
- Yiqiniso ukuthi umuntu wesifazane okhulelwe uvame ukuphalaza futhi abe nesicanucacu esidalwa wukuthi ukhulelwe pheceleni ama-morning sickness, nokho kungamampunge ukuthi leso simo senzeka ekuseni kuphela kumuntu wesifazane okhulelwe. Ukudla kancane, kancane, izikhawu eziningi ngosuku nokugwema ukudla okunephunga elinamandla ngezinye zezinto ezingasiza owesifazane ukugwema isicanucanu.
3. Ukuthi abesifazane abakhulelwe kumele bagweme ukuzivocavoca
- Iqiniso wukuthi ukuzivocavoca kuphephe kakhulu kwabesifazane abakhulelwe futhi kubasiza kakhulu ukuqhubeka nohambo lwabo lokukhulisa umntwana osesiswini ngendlela efanele. Ukuzivocavoca okulula njengokuhamba nje, welule izinyawo noma ukubhukuda kungasiza ukukwenza ube nomfutho futhi kwehlise nobuhlungu bamalungu angemuva emzimbeni wakho, kwenze ulale kahle. Nokho kufanele uqale uxhumane nodokotela ngaphambi kokuthi uqale izinhlelo ezinjalo ukuze akubonise ukuthi ukwenze kanjani ngendlela ephephile.
4. Ukuthi uyakwazi ukubona ubulili bomntwana omthwele
- Indlela umntwana wakho ami ngayo nobude bakho bukhandwa wuhlobo lomzimba womntwana wakho nokuthi uhleli kanjani esiswini, hhayi ubulili bakhe. Ukuphela kwendlela ongazama ukubona ngayo ukuthi uthwele mntwana muni wukuhlolwa kwezempilo okubizwa nge-ultrasound noma i-genetic testing.
5. Ukuthi ukuphathwa yisilungulela kusho ukuthi umntwana wakho uzoba nezinwele eziningi
- Nakuba lokhu kungezwakala sengathi kuyiqiniso, kepha iqiniso wukuthi isilungulela sidalwa wukushintsha kwama-hormone okwenziwa wukuthi ukhulelwe futhi akuhlanganise lutho nezinwele zomntwana wakho. Uma kwenzeka uphathwa yisilungulela ukhulelwe, zama ukuthi udle ukudla okungekuningi, ugweme ukudla okune-spice, bese uzejwayeza ukubheka phezulu uma ulele ngomqolo nje uziphumulele.
6. Ukuthi akumele uphuze ikhofi uma ukhulelwe
- Ukugwema iziphuzo ezine-caffeine okungaba yikhofi noma itiye uma ukhulelwe kungenye yezinto ezisizayo uma ukhulelwe, nokho lokho akuchazi ukuthi akumele uziphuze nhlobo.
7. Ukuthi ukhwantalala uma ukhulelwe lungalimaza ingane yakho
- Nakuba ukhwantalala lungalungele muntu, kodwa ukucindezeleka emqondweni nje ngaleso sikhathi ngeke kulimaze umntwana wakho. Umzimba wawo wonke umuntu udalwe ngendlela yokuthi ukwazi ukumelana nokucindezeleka okwejwayelekile okungenzeka ngisho ukhulelwe.
8. Ukuthi akumele udaye izinwele zakho uma ukhulelwe
- Imikhiqizo eminingi yokudaya izinwele ayinabungozi kumuntu okhulelwe ikakhulu emva kokuphela kwesigaba sezinyanga zokuqala zokukhulelwa. Uma ukhathazeka ngalokhu, ungasebenzisa imikhiqizo yezinwele ekhandwe ngendlela yokuthi ayifiki esikhunjeni sekhanda kalula.
9. Ukuthi akumele ufuye ikati noma usondelane nalo uma ukhulelwe
- Kuyingozi ukufuya ikati noma uligeze uma ungowesifazane okhulelwe; lokho kungenxa yokuthi linobungozi begciwane elibizwa nge-toxoplasmosis, elingaba nobungozi emntwaneni wakho.
10. Ukuthi izingane ezizalwa zinesisindo esikhulu zihlale zinempilo
- Nakuba isisindo somzimba esikhombisa ukuba nempilo sibalulekile, kodwa izingane ezizalwa zinkulu kakhulu zingenza uhlelo lokubeletha lube nzima. Udokototela wakho wuyena ozoqapha isisindo somntwana wakho ukuqikelela ukuthi siyilokhu okufunekayo yini. Ukudla ngendlela enempilo nokuhlale uya emtholampilo ukubheka ukuthi konke kusahamba kahle yini kungakusiza ukuthi umntwana wakho akhule kahle esiswini.