UMCULO ungenye yezinto ezihlanganisa nezixhumanisa abantu emhlabeni jikelele, kubalwa nakhona lapha eNingizimu Afrika, esiyaye sibone ukuthi kuba yinjabulo enkulu kangakanani uma abantu bezinhlanga ngokwehlukana kwazo behlanganiswe wubuciko bomculo.
Lokho kufakazelwa yindlela okugcwala ngayo emakhonsathini noma emicimbini eyahlukene okusuke kunabaculi kuyona, nezibalo ezihlale ziphezulu zokuthi umculo ulalelwa futhi uthengwa kangakanani ezitolo zomculo zobuchwepheshe besimanje okukhona kuzona iSpotity, YouTube Music, Apple Music, Deezer nakwezinye eziningi.
Ukubaluleka komculo ezweni kubonakala futhi kufakazelwa nawukuthi cishe kuyo yonke imisakazo kunezinhlelo zomculo kuphela, lapho othola ukuthi kuba ngamahora amathathu noma amane nje ohlelo lomculo wodwa, kanti futhi nasezinhlelweni eziningi zomsakazo kuba khona umculo oxutshwa nengevu ukuze kube mnandi.
Kanjalo nakwithelevishini kukhona iziteshi ezidlala umculo kuphela okukhona kuzona iChannel O, MTV Base, Trace, 1Gospel, DumisaTV nezinye eziningi - okusafakazela khona ukuthi igalelo lomculo, ngokwehlukana kwemikhakha yawo, likhulu kangakanani kubantu nasempilweni yabo.
Nokho yize kunjalo zikhona izinto ezihlale zenzeka emculweni, nesezaba yinsakavukela umchilo wesidwaba, ezenza ukuthi abantu abathanda nabalandela umculo bangathokozi neze.
Enye yalezo zinkinga wukwanda kokhondolo lwamaqemu omculo afike agalele kuzwakale endimeni, aze abe yizithandwa zabalandeli bomculo, bese kuthi ngokuqhubeka kwesikhathi - kusemnandi kanjalo, uzwe kuthiwa hhayi alisekho iqembu lomculo elithile, hhayi sebehlukene obani nobani.
Lokho nje kusanda kwenzeka emasontweni amabili edlule, sizwa izindaba zokwehlukana kukaThabang Innocent Mangolo no-Emmanuel Nanga Mathye, abebaziwa ngokuthi yiMurumba Pitch emculweni wamapiano.
Ukumemezela kwabo ukuthi sebehlukane, abasezukuqopha umculo beyiqembu kushaqise abantu abaningi abathanda umculo ikakhulu ngoba bekusalindelwe lukhulu kubona njengoba bese bengenise ngempela ebantwini ngezingoma zabo ezishisa izikhotha okubalwa kuzona ethi eThekwini, Wena Dali, Isisheli nezinye eziningi ezikuma-albhamu abo amahlanu athi Obrigado, Horumar, New Beginnings, Isidalo neyokugcina ethi Impi.
Akusibona bodwa abahlukana emaqenjini omculo njengoba bebaningi nabanye aseke benza kanjena ukuthi kade bethandelwa umculo wabo abawenza ndawonye, uzwe sekumenyezelwa ukuthi sebehlukene.
NgoNovember 2021 uTshedi Mholo, wamemezela kuthi useyalishisa iqembu le-afro pop iMalaika, eyayibunjwe wuyena, uBongani Nchang noJabu Ndaba, owashona ngo-2008. IMalaika yaziwa ngamanoni okukhona kuwona iDestiny, 2 Bob nethi Mhla Uphel’ Amandla.
Abanye futhi abashaqisa abaningi behlukana oNtokozo “K.O” Mdluli, Bantu “Ntukza” no–Ezee “Ma-E” Hanabe, bodumo lweqembu leHip-Hop iTeargas, abebaziwa ngezingoma ezithi Mhlobo Wami, Chance, Take It Easy, Single nezinye eziningi.
Iqembu le-house lodumo lwezingoma ezimnandi zothando iLiquideep, elalibunjwe nguRyzor noZiyon ngo-2007, nalo laphoxa abantu abaningi lihlukana ngo-2014 - emva kokubusisa abalandeli bomculo ngezingoma ezazishisa izikhotha ezithi BBM, Something About You, Still, Angel, Fairytale, Still nethi Settle For Less ukukha nje phezulu.
OThabo ‘Smol’ Mabogwane noBongani ‘Murdah Bongz’ Mohosana nabo baphoxa abalandeli abaningi be-house, kusabalala izindaba zokuthi sebehlukene eqenjini iBlack Motion ngo-2022, emva kweminyaka ewu-12 beqopha umculo ndawonye. Leli qembu elaziwa ngezingoma okukhona kuzona ethi Rainbow, Joy Joy, Imal nethi Prayer For Rain, seliqhuba umculo walo noSmol noProblem Child, njengoba uMordah Bongz esekhipha ngayedwana.
Emva kokugala kwezwakala ngo-2015, iqembu leGqom iDistruction Boyz - eyayibunjwe wuThobani ‘Que’ Mgobhozi noZipho ‘Goldmax’ Mthembu, bamangaza abaningi nabo ngo-2023 bebemezela ukuthi sebenqume ukuqopha umculo wabo ngabodwana.
Amanye amaqembu omculo ahlakazeka ethandwa ngabalandeli Amagcokama ayebunjwe wuKhulekani ‘Mgqumeni’ Khumalo noMtshengiseni ‘Indidane’ Gcwensa, Amaroto ayebunjwe woClive ‘Reece Madlisa’ Tshikosi noSabelo Calvin Zuma owaziwa ngelikaZuma emculweni. Abanye woMkhonzeni Langa noThokozani Zulu - abebaziwa ngeTzozo noProfessor neJazziDisciples - iqembu lamapiano elalibunjwe wuMr Jazziq noJosiah De Disciple.
Yisimo esikhathaza kakhulu lesi ngoba laba bantu basuke bethandelwa ukuhlanganisa umculo kamnandi ndawonye, okuba kubi uma sekufika isikhathi lapho benquma ukuyeka ukwenzanjalo. Okunye okubi ngalokhu wukuthi uma sekuhlukwene, akuvamile ukuthi bachume bonke ngokulinganayo, kunalokho kuvame ukugqama oyedwa, abanye noma omunye ingabe isaziwa indaba yabo ukuthi iphelele kuphi. Ngabe kungcono ukuba amaqembu omculo ahlukaniswa wukufa kuphela, hhayi imibango nezingxabano zemali.
Ngiwashayela ihlombe elikhulu amaqemhu omculo asayibambile ishisa okukhona kuwona iScorpion Kings ebunjwe wuDJ Maphorisa noKabza De Small, iMajor League Djz ebunjwe ngamawele oBandile noBanele Mbere, iBlaq Diamond ebunjwe wuNdumiso ‘Ndu Browns’ Mdletshe Sphelele ‘Danya’ Dunywa, iMafikizolo kaTheo Kgosinkwe noNhlanhla Mafu, iMFR Souls kaTumelo Maero Nedondwe noTumelo Force Mabe namaQwabe Twins kaViggy noVirginia Qwabe ukukha nje phezulu. Ngifisa nabanye abayibambe ngokuhlanganyela emculweni bangavumeli izinto ezingalungiseka zibahlukanisa ebucikweni babo obuhle.