AKUKAKAFIKI emiqondweni yabo ukuthi balahle ithemba ngokunqoba isicoco seBetway Premiership kule sizini abe-Orlando Pirates, ngokusho komgadli wayo, uTshegofatso Mabasa.
Nakuba Ezimnyama zisele ngamaphuzu angu-18 eqenjini eliqhwakele, iMamelodi Sundowns, uMabasa ukholwa wukuthi bangasehlisa leso sikweletu uma bengadlala kahle uma la maqembu esebhekene eFNB Stadium ngeSonto ngo-3.30 ntambama.
Ukubambana ngo 0-0 neStellenbosch FC koweligi ngoLwesibili kuholele ekutheni ezikaMagebhula zisalele emuva kakhulu njengoba sezinamaphuzu angu-40 emidlalweni engu-18.
Okuphinde kwagwaza abalandeli njengomkhonto enhliziyweni wukuthi iSundowns iqhubekile nokuqoqa amaphuzu, iqumba phansi AmaZulu ngo 2-0. AmaBrazilians asesicongweni ngamaphuzu angu-58 emidlalweni engu-22.
Njengoba ezikaMagebhula zisalele emuva ngemidlalo emine, ukunqoba iSundowns kungafana nokushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa njengoba zingafaka amaphuzu emgodleni wazo bese ziqinisekisa ukuthi iSundowns ima ndawonye.
UMabasa uthe nakuba sekukhona asebebhale phansi ukuthi sekuphelile ngeqembu lakhe embangweni weligi, bona basazolwa kuze kube sekugcineni.
"Uma uqhudelana neqembu elinjengeSundowns, eselidle isicoco seligi amahlandla asiyikhombisa kulandelana, kufanele uzibambe ziqine. Sazi kamhlophe ukuthi kufanele siyinqobe yonke imidlalo yethu esele bese sithandazela ukuthi neminye imiphumela ivune thina," kusho uMabasa.
“Ithemba sisenalo futhi ngiyazi ukuthi iqembu lonke lizolwa ngakho konke ukuze sinqobe. Asikakaliphosi ithawula ngesicoco seligi. Ngike ngizwe abantu bethi indebe isihambile kodwa akuyona into esikholelwa kuyona leyo. Ingcindezi ikhona kodwa sikhombisile ngasekuqaleni kwesizini ukuthi singakwazi ukunqoba imidlalo eminingi ilandelana.”
Ngesikhathi la maqembu edudulana komunye weligi owawuseLoftus Versfeld, ePitoli, ngenyanga edlule, amaSandawana ayixebula ngo 4-1 iPirates.
Umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, uthe ngisho kungenzeka baphinde bathole amaphuzu amathathu kulo mdlalo, kuzobe kungachazi ukuthi sebeqedile.
“Selokhu ngafika lapha le ligi ngiyibona njengeligi enzima lapho noma yiliphi iqembu lingalahla khona amaphuzu. Ungalahlekelwa amaphuzu ekhaya ngisho udlala nanoma yiliphi iqembu futhi lokho kungenzeka nasekuhambeni,” kusho uCardoso.
"Ngakho-ke noma kungenzekani kulo mdlalo, ngizongena kwelandelayo ngendlela efanayo. Maningi amaphuzu okusazofanele siwalwele. Uma kukhona abantu abayithatha kancane eminye imidlalo ezayo singazithola sisenkingeni.
"Kufanele sizimisele kukho konke esikwenzayo ngoba le ligi inzima kakhulu. Kuyinselelo enkulu ukugcina abadlali bekulungele ukubhekana nomdlalo ngamunye."