UPRUDENCE Sekgodiso, owuqale ngonyawo oluhle umlenze wokuqala we-Athletics South Africa (ASA) Grand Prix edla umhlanganiso ebangeni lika-800m, usevivela ukuyoyibamba kwiWorld Indoor Championships, eChina, ngesonto elizayo.
USekgodiso (23) ushaye intambo ngesikhathi esingu-1:59.01 ehlula u-Oratile Nowe olale isibili ngo-1:59.46, noCharne Swart olale isithathu ngo-2:01.57, ePilditch Athletics Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu.
Umlenze wesibili we-ASA Grand Prix uzoba se-University of Johannesburg, eGoli, ngoLwesithathu.
USekgodiso udla ubhedu kwi-800m kwiGrand Prix nje, wenze isikhathi esihle sika-1:59.88 kwi-World Athletics Indoor Tour Gold, eGermany, ngoFebhuwari.
Usevivela ukuyogijima kwi-World Indoor Championships, eNanjing, eChina ngoMashi 21-23.
“Lo mjaho bewuyingxenye yamalungiselelo ami okuyogijima kwiWorld Indoors (Championships).
Ngijabule ngokwenza kahle kulo mjaho. Ngithanda kakhulu ukugijima kuma-indoors, ngoba i-track imfishane iqedeka ngokushesha uma ugijima.
Angifuni ukuthembisa okuningi, kodwa nginethemba lokuthi ngizokwazi ukubuya negolilde,” kusho uSekgodiso.
Le ntokazi edabuka eMedingen, eLimpopo, ethishwa ngokulandela ezinyathelweni zensephe ka-800m, uCaster Semenya, nyakenye ifinyelele kowamanqamu e-800m kuma-Olympic Games, eFrance, walala endaweni yesishiyagalombili.
USekgodiso osenesikhathi sika-1:57:26 ku-800m (personal best), nosabhekene nenselelo yokufinyelela kwi-rekhodi likaSemenya lika-1:54:25 kulo mjaho, kodwa ukuvunywa kwakhe yiminyaka nokuqhubeka nokwenza kahle, kumbeka ethubeni lokugcina enze ezibukwayo ngomuso.
Kwabesilisa, uKarabo Letebele umangaze abaningi ebhema uFerdinand Omanyala waseKenya obethwelwe ngeqoma edla umhlanganiso ku-100m ngesikhathi esingu-10.9, isibili sathathwa ngu-Emile Erasmus, isithathu kwaba ngu-Omanyala.
Kwathi ku-200m umhlanganiso wadliwa nguBayapo Ndori waseBotswana, isibili kwaba nguLetsile Tebogo, isithathu kwaba nguZakithi Nene.
Umlenze wesibili wangoLwesithathu weGrand Prix, ubhekwe ngabomvu ikakhulukazi njengoba abagijimi abaningi bezobe besalwela ukwenza izikhathi ezizobabekisela indawo kwiWorld Athletics Championships ezobanjelwa eTokyo, eJapan, ngoSepthemba.