Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-49 ngamacala okushushumbisa imali nokuzama ukugwazela iphoyisa kulandela ukutholakala nesamba esingu-R1.2 million owukheshi eTonga eduze naseKomatipoort, eMpumalanga, ngeSonto.
Ngokombiko wamaphoyisa, amalungu awo ancinzwe indlebe ngowesilisa obephethe isibhamu esingekho semthethweni.
“Aphuthume khona alandela umkhondo nokuthe uma efika eTonga athola umnikazi wendlu ase eyaqala eyaphenya. Yingaleso sikhathi lapho ethole khona izindodla zemali zifihlwe ngaphansi kombhede naku-wadrobe,” kusho okhulumela amaphoyisa eMpumalanga uLieutenant Colonel Jabu Ndubane.
Uthe amaphoyisa aqhubeke nophenyo kwamanye amagumbi ahtola esinye isikhwama sigcwele imali.
“Kungaleso sikhathi kuqhubeka uphenyo lapho indoda izame ukugwazela khona amaphoyisa ngo-R50 000 kodwa imizamo yayo yahluleka,” kusho uNdubane.
Uthe kushaqwe uR1.2 million obuyimali yakuleli kwathi enye kwaba yimali yaseMozambique.
Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseNkomazi maduze ukuyobhekana namacala ahlukene okubalwa kuwo awokushushumbisa imali, ukugwazela iphoyisa, athinta intela namanye.