INTATHELI YESOLEZWE
KULINDELEKE enye imvula namuhla kulandela isimo sezulu esingesihle ezinsukwini ezimbalwa ezedlule KwaZulu-Natal.
Ngokusho kwabe-South African Weather Service, kunamathuba emvula nokuduma kwezulu okuwu-60%, kanti ezindaweni ezisenyakatho yesifundazwe amathuba emvula awu-30%.
“NgoMsombuluko izakhamuzi zingalindela u-60% wamathuba emvula nokuduma kwezulu eNingizimu yeKwaZulu-Natal. Akukho okukhombisa ukuthi kunemvula enamandla,” kusho uMnuz Wiseman Dlamini, wakwa-SA Weather Service.
Izolo, amathimba abhekelele izinhlekelele nabezimo eziphuthumayo kuMasipala weTheku, abehlola umonakalo odalwe yimvula enamandla eqale ngoLwesine. Ziningi izindawo ezithintekile futhi imigwaqo ivaliwe ikakhulu ePinetown nasezindaweni eyakhelene nazo.
Ngisho ezinxanxatheleni yezitolo ePinetown bekugcwele amanzi ngoLwesihlanu.
Isifunda esisentshonalanga yeTheku yisona esikhahlamezeke kakhulu ngenxa yezikhukhula lapho kubikwe khona izigameko zezikhukhula, ukuvodloka kwamabhuloho, ukuwa kwezakhiwo, ukudilika kodaka nezihlahla eziwile.
Abantu abangu-10 bahlengwe ku-M19 obheke eReservoir Hills, ngemuva kokuthi izimoto zabo zicwile emanzini. Iziteshi eziningi zikagesi ezincane zigcwale amanzi.
Isimo sezulu esingesihle sidale ukuthi kunqamuke ugesi kaningi ezindaweni okubalwa kuzo iKloof, Mzinyathi, KwaMashu, Ntuzuma, Avoca, oThongathi, Tshelimnyama, New Germany, Westville naKwaDabeka.
Imigwaqo eminingana ibigcwele amanzi. Umgwaqo uStapleton, ePinetown, ubuvaliwe. Onjiniyela bedolobha bebehlola iHeaton Nicholson Drive Bridge ngenxa yokuthi bekubukeka kunobungozi ukuba isetshenziswe ngabashayeli.
Ngokusho kukamasipala, imitholampilo yasePinetown ike yathinteka ngemuva kokulimala kwengqalasizinda.
Bekuhlelwe ukuthi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, avakashele eNanda naseLamontville izolo, ukuyohlola isimo aphinde anikeze nokweseka izakhamuzi ezithintekile.
Uhulumeni wesifundazwe usebenzisana namathimba ezinhlekelele nezinye izinhlaka ukuze kuqinisekiswe imizamo yokusiza ngokushesha abakhahlamezekile.