Sivalwe wuVusizwe Langa isikhala sikaTshatha Ngobe ohlelweni lukamasikandi iSigiya Ngengoma ngoMgqibelo kuKhozi FM.
NgoMsombuluko ekuseni abaphathi boKhozi bamemezele izinguquko ezizoqala emoyeni ngo-Ephreli 1.
UVusizwe usezoyibamba noBingelela Mpanza. UTshatha usezoqhubeka nohlelo lwakhe iWoza Nabangani Bakho noSelby Mkhize ntambama phakathi nesonto.
Kubuyiswe indodakazi yolahleko uSthandwa Nzuza kuKhozi FM owahamba oKhozini ngo-2019 kulandela ukuthi inkontileka yakhe ingavuselelwa.
Usezongena ngo-3 kuya ku-6 ntambama ngoMgqibelo ohlelweni obelwenziwa nguKhetha Gwala.
Ngo-12 kuya ku-3 ntambama ngoMgqibelo uMaFresh wuye osezothatha ngokugcwele iTop 20 eyashiywa wuMandla Magwaza ngonyaka odlule.
Ohlelweni olwalwenziwa wuZanele Mbokazi ngeSonto ekuseni i-Eshilo isizothathwa wuPhindi P.
Igama likaSiya Mhlongo osekunesikhathi engazwakali emoyeni kulandela ukuvulelwa icala lokushaya alimenyezelwanga. Uhlelo abelwenza Ubusuku Obuhle ngo-8 kuya ku-12 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesine seluzokwenziwa wuNkosinathi Mshengu.
Izinhlelo zasekuseni kuya emini phakathi nesonto azishintshanga.