ISALAKUTSHELWA sibona ngomopho, lawa ngamazwi abantu ezinkundleni zokuxhumana odabeni lwentokazi engudokotela uCeliwe Dada egilwe umyeni wayo ongowokudabuka eNigeria. Le ntokazi iphumele obala enkundleni iTik Tok ngakho konke adlule kukho nomyeni wayo owayengumahlalela emthengele imoto kanokusho ayeyikhokhela uR15000 ngenyanga futhi ayondla yena nezingane zabo.
Ngo-2020 le ntokazi yasola umndeni wakubo ngokuba ngabathakathi ngoba bemxwayisa ngokuthi lo myeni wakhe uzomgila akamthandi.
Ngale kokuxwayiswa wumndeni wakubo, namalungu ebandla ahlangana kulo nomyeni wakhe ayemtshela ukuthi lo mlisa uyimbungulu ezomunca igazi lakhe.
Le ntokazi iveza ukuthi uNkulunkulu wayeyibonisa izimpawu zokuthi akuhambi kahle lapho ikhona kodwa yakhetha ukuqhubeka ihlale ithembeke emshadweni wayo.
"Sake saxabana kakhulu nomyeni wami wangishaya ephindelela, ngalobo busuku ngaguqa ngathandaza nganxusa uNkulunkulu ukuthi uma lo mshado ungangifanele akangisuse kuwo futhi uma umyeni wam engangifanele naye akamsuse. Ngosuku olulandelayo umyeni wami wathola ingozi enkulu imoto yaphela nya," kusho yena.
Uthe yize umyeni wakhe asinda kuleyo ngozi kodwa imoto yaphela nya, kodwa zonke izindleko zayo zakhokhelwa wumshwalensi. Uthi lokhu wakubona njengophawu olusha oluvela kuNkulunkulu ukuthi usengaqala kabusha.
Esikhundleni sokuthi aqale kabusha, wabuyela esitolo waxebula unyanyavu olusha lweMercedes Benz eyikhokhela uR23 000 ngenyanga ngoba yayifunwa umyeni wakhe ethi ngeke agibele olunye uhlobo lwemoto luzomehlisa isithunzi. Uthi yena wazithengela imoto encanyana ukuze akwazi ukuya emsebenzini.
Abantu ababanga nozwelo kule ntokazi ephumele obala ngempilo yayo emendweni ngoba isishiywe umyeni. Abaningi bakholwa wukuthi ubengeke aluveze loludaba ukube umyeni akamlaxazanga futhi usangamthatha futhi uma engathi ababuyelane.
NzimaMotivational2480@NzimaChristlike· Dkt Celiwe Umndeni wakuxwayisa wase uthatha isinqumo sokubasusa empilweni yakho. Abantu besonto bakuxwayisile nalapho wanquma ukwenza okufanayo. Abangani bakuxwayisile futhi wanquma ukwenza okufanayo. Abezindaba baxwayise wonke umuntu ngabantu baseNigeria futhi wenza okufanayo uNkulunkulu wakukhombisa zonke izimpawu kanye nawe
Monnica@MrsMonnica Ufanelwe yizo zonke izinto ezimbi ezimehlelayo “Intombazane yomXhosa ecabanga ukuthi ijola nephanta” Awukwazi ukuba udokotela uhambe nendoda yaseNigeria engasebenzi uze uyizalele abantwana.
Phomolo@l_phomolo·Engikuthanda ngoDkt Celiwe Dada ukuthi uyawamela amaphutha akhe futhi akazenzi umuntu ongcono njengabaningi benu lapha. Uthatha amaphutha akhe futhi wazisa nabanye ukuze bangenzi amaphutha afanayo. Yekani ukumehlulela.