KUYALELWE izitshudeni ezinganeme ngokuchithwa yisikhwama i-National Students' Financial Aid Scheme (NSFAS), ukuthi zisheshe zifake izimangalo, zingakapheli izinsuku ezingu-30, zithole izimpendulo.
Lokhu kushiwo yi-NSFAS ethe imatasa icubungula izimangalo ezehlukene ezithinta abangalutholanga uxhaso.
Abalesi sikhwama bathe bathole izimangalo ezevile ku-74 000, kanti ezingaphezulu kuka-45 000, isiphothulile ngazo.
"Labo abachithwe ngoba lungabafanele uxhaso ngenxa yokuthi abazali babo bahola kakhulu isimangalo sabo siyocutshungulwa uma kungukuthi ngempela abazali babo abaholi kakhulu. Siyobhekwa uma kungukuthi imali abayiholayo isiyehlile selokhu kwafakwa isicelo nokuthi uma inkantolo isikuhlonze njengomuntu ozimele, uma abazali bakho bengasakondli," kusho i-NSFAS.
Sithe abachithwe ngoba bengazange benze kahle ezifundweni zabo, izimangalo zabo ziyobhekwa uma beveza ubufakazi bokuthi ubukhulelwe wase ubeletha okwadala ukuthi uphazamiseke.
"Sizobheka futhi uma kungukuthi waba wumgilwa wodlame, wawugula kakhulu ngesikhathi kufundwa waphazamiseka izinyanga ezimbili kuya phezulu. Uma kungukuthi kwaba nesifo ekhaya kwashona ilungu lomndeni eliseduzane nawe kanjalo nalabo abaphila nokukhubazeka kodwa isikhungo kumele silethe umbiko wezempilo, oveza ukukhubazeka ophila nakho," kuqhuba i-NSFAS.
Abalesi sikhwama bathe labo abenza iziqu ezingaxhaswa yilesi sikhwama abakwazi ukufaka izikhalo zokuthi kungani bengaxhaswanga.
"Nalabo othola ukuthi bafake imininingwane yabazali eshayisa amakhala, noma isikhungo uma sihambise imininingwane engelona iqiniso. Abanale nkinga yokuthi izikhungo zilethe imininingwane engelona iqiniso kumele baye ezikhungweni ngqo beyofuna incazelo,"
I-NSFAS iphinde yanxusa izikhungo ukuthi ziqhubeke zilethe ngokushesha imininingwane lyezitshudeni ukuze kungabambezeleki ukukhishwa kwezimfanelo zezitshudeni.
Lesi sikhwama sabelwe u-R55.4 billion, nguMgcinimafa onyakenimali u-2025/2026.
Kuhlale kukhalwa ngezinkinga kwi-NSFAS ngalesi sikhathi sokuqala konyaka.
Kuvame ukusolwa lesi sikhwama ngokuphuza ukuphendula kulabo abasuke befake izicelo zokuxhaswa.