KUZOWASHUBELA abangamalungu eSadtu azibandakanya nomkhonyovu wokudayiswa kwezikhala zothisha kanjalo nalabo abasaqhubeka nomkhuba wokulala nabafundi.
Lokhu kulandela ukugxekwa kwalo mkhuba okuthiwa uyanda, ugxekwa wubuholi obuphezulu bale nyunyana emhlanganweni wesigungu esiphezulu obungempelasonto.
Lobu buholi buzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwalezi zehlakalo, ezidicilela phansi isithunzi sothisha.
UNobhala Jikelele we-Sadtu uDkt Mugwena Maluleke, uthe bakhathazekile ngokwanda komkhuba wabadayisa izikhala nothisha abalala nabafundi.
"Siyazigxeka lezi zehlakalo esizigxeka njalo uma zivela. Lezi zehlakalo zingcolisa igama nesithunzi somkhakha wokufundisa kanjalo negama lenyunyana. Siyalwa nenkohlakalo kanjalo nezinto ezingalungile, yingakho sinqume ukuthi sizobaqondisa ubugwegwe abayotholakala benza lezi zinto," kusho uMaluleke.
Ihlale ivela njalo uma kukhangiswe izikhala kwezemfundo, eyezinsolo zothisha abadayisa izikhala ezikoleni.
Kanjalo nendaba yothisha abasalala nabafundi, ihlale ikhuzwa njalo ngisho umkhandlu olawula othisha kuleli i-Sace, okuyiwona othatha izinyathelo ezinqala zokususa ohlwini lokufundisa othisha abasagila lesi siga kubafundi, kodwa bayaphikelela bakwenze lokhu.
Ngisho nomthetho osayinwe nyakenye nguMengameli Cyril Ramaphosa i-Bela, iyakucacisa okumele othisha bakwenze nokungamele bakwenze kodwa bakushaya indiva lokhu.
Kulo mhlangano wokuqala walesi sigungu, le nyunyana ixoxe ngezinto eziningi okubalwa nendaba yokugcwala ezikoleni.
Ubuholi buthe ukuvulwa kwezikole kuveze izinkinga abahlale bekhala ngazo zokugcwala ngokweqile, ukushoda kwengqalasizinda nezinselelo zayo, izinkinga zokushoda kwamanzi nokunye.
"Kunezinselelo zokugqekezwa kwezikole, indaba yokushoda kothisha, inkinga kagesi namanzi, izinkinga zezinto ezithutha abafundi nezinye. Lezi zinto zidinga ukulungiswa ngokushesha."
UMaluleke ukhale nangesabelomali somnyango athe ingxenye enkulu yaso iya emaholweni othisha.
"Siyasamukela isabelomali esethulwe nguNgqongqoshe uMnuz Enoch Godongwana muva nje. U-76% walesi sabelo uya emaholweni bese kuthi inkeshezana isalela izinhlelo ezifana nokuhlinzekwa kokudla ezikoleni, izinsiza zokufunda, nokunye. Noma sisamukela isabelo kodwa asenele izidingo ezidingeka kwezemfundo," usho kanje.
UGodongwana ukhale ngesikweletu sikahulumeni athe sikhulu sidlula nemali abayifaka kwezemfundo nezempilo ngoba kudingeka basikhokhele.
Uhulumeni wabeka phambili ezemfundo kanti noNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, uthe kubalulekile ukuthi kubanjiswane neminye imikhakha ikakhulu osomabhizinisi abanikelela umnyango ngoba kunezinselelo zesabelomali.