YIZE i-SABC nenkampani i-Word of Mouth kaDuma Ndlovu ekhiqiza umdlalo iMuvhango benza iziguquko, kodwa ziyakhula izinsolo zokuthi uyaphela lo mdlalo ngoJulayi.
Isolezwe libuye lacosha ezakamuva zokuthi abalingisi abasha abazobonakala kuwo kusuka namhlanje, bayingxenye yabasha abazogoqa lo mdlalo.
I-SABC ikhiphe isitatimende imemezela abalingisi abasha okukhona kubo u-Obed Baloyi ozolingisa indawo kaMzamani Rivombo.
Abanye kubalwa uMnasutani Hope Rasekele ozolingisa indawo kaWinnie, Nkateko Mabunda (Hulukati) noJunior Magagane (Junior).
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi kusazanywa yonke imizamo ukubuyisa ithemba ngalo mdlalo kodwa konke akuhambi ngendlela.
“Akekho ongaboni ukuthi kuzanywa yonke into ukuthi umdlalo uhehe ebantwini. Okwamanje abakwenzayo ukuthi balethe abalingisi abasha ukuze ababukeli bababone bese bebheka ukuthi bazofika nani. Kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi iSABC isisithathile isinqumo sokuqeda ngalo mdlalo ngenxa yokuthi unezinkinga eziningi futhi awusenzi kahle njengakuqala njengoba iminingi iminyaka ukhona,” kusho umthombo.
Umlingisi u-Obed uzwakalise injabulo yakhe ngokuba yingxenye yalo mdlalo wathi kufezeke amaphupho akhe okuba yingxenye yawo ngoba unomlando omkhulu.
“Ngaqala ukuhambela inhlolokhono yokuba omunye wabalingisi bawo usaqala. Ekugcineni sengikwazile ukuba yingxenye yawo. Ngempela kuyiqiniso ukuthi uma into uyifuna ekugcineni uyayithola, ngiyabonga kuNkulunkulu, ophrojusa balo mdlalo nawo wonke umuntu othatha izinqumo ukungipha ithuba. Ngeke ngiyeke ukubonga iSABC ngokuvula ithuba lokukhangisa ngamakhono ethu. Ngithembisa ukuthi ngoba sengilitholile ithuba ababukeli bazohlala bebambe ongenzansi, sengilinde ukuthi bawubone umndeni wami ukuthi uphetheni,” kuchaza yena.
Umlingisi osafika kulo mkhakha uJunior, uthe ukuba yingxenye yomdlalo walolu hlobo esinye sezinyathelo ezinkulu emkhakheni wokulingisa akuwo.
Uthe ufuna ukushiya umsizilo ngethalente lakhe kulo mdlalo athemba ukuthi kuzomvulela amanye amathuba.