UTHELA izithelo umkhankaso weZemvelo Wildlife wokusika izimpondo zobhejane ngenhloso yokunqanda ubugebengu bokuzingelwa kwabo eziqiwini ezahlukene kuleli. Kuleli sonto isikhulu esiphezulu seZemvelo uMnuz Sihle Mkhize, samukele izincomo ezivela kuNgqongqoshe wezaMahlathi izinhlanzi kanye nezemvelo uDokotela Dion George, ngokwehla komkhuba wokuzingelwa kobhejane KwaZulu-Natal. Ungqongqoshe uncome kakhulu uhlelo lweZemvelo lokususwa kwezimpondo zobhejane oluqale eHluhluwe-iMfolozi Park (HiP), phakathi kuka-Ephreli no-Okthoba 2024.
Lolu hlelo lwaqala ngo-Ephreli 8, 2024 lube nomthelela omkhulu ekwehleni kwezinombolo zokuzingelwa ngokungemthetho kobhejane. Kuthe ezinyangeni ezine zokuqala zika-2024 kwaba nesibalo esingu-124 sobhejane abafa bezingelwa ngokungemthetho. Lokhu kusho isilinganiso sokufa kobhejane abangu-31 ngenyanga ezinyangeni ezine zokuqala (ngo-Januwari kuya ku-Ephreli) onyakeni. Uma kuqhathaniswa nezibalo zika-2023, iKwaZulu-Natal ilehlise kakhulu izinga lokubulawa kobhejane, okugqame kakhulu ukwehla kwezigameko zokubulawa kobhejane eHluhluwe-iMfolozi Park, okukhombise ukwehla ngo-67% selokhu kuqale uhlelo lokusikwa kwezimpondo zobhejane.