UPHIKO oluphenya amacala amaphoyisa i-IPID luthi luyaqhubeka uphenyo ngoKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ngezinsolo zokuphazamisa ukuboshwa kwesikhulu sezokuHlunyeleliswa kweziMilo eRichards Bay, ngo-2023.
Lolu phiko lucele umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal ukuba athumele isitatimende esifungelwe ukuphendula imibuzo athunyelwe yona kungakadluli umhla ka-19 kwephezulu.
Lolu phiko luthi kwaba yiphutha kukubhalwa kwencwadi eyabhalelwa uLt General Mkhwanazi, ibamba lenhloko yophenyo ku-IPID, ethi uNgqongqoshe wamaPhoyisa ucele i-IPID ukuthi iphenye uKhomishana wesiFundazwe.
"Lolu phenyo luwumphumela wesikhalo esingaziwa esivela emphakathini. I-IPID imile kwelokuthi nakuba ithola izikhalazo emithonjeni eyahlukene, uphenyo lwayo luhlala luzimele futhi aluchemile," kusho i-IPID.
Ungqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu ukhiphe isitatimende kulandela udaba lweNews24 ngokuthi uyena unxuse i-IPID ukuba iphenye uLt Gen Mkhwanazi.
Kulesi sitatimende uMchunu uthi akavulanga icala kodwa uveze ukuthi uyalwamukela uphenyo olwenziwayo. Uthi ukhomishana wamaphoyisa usebenza ngokuzikhandla ukulwa nobugebengu kanti umnyango wakhe kumele uqinisekise ukugcinwa komthetho futhi uzokwenza konke okusemandleni ukulwa nobugebengu.
"I-IPID uphiko oluzimele olusebenza ngaphandle kokwenzelela futhi zinqumo ngamacala aphenywayo zenziwa ngokuzimela."
I