MHLELI: Iningi labantu likhungethwe ngukuxakeka okwahlukene okudinga imali. Sizithola sesigembula ngezindlela ezahlukene okubandakanya nokwezinombolo.
Okubuhlungu ngabagembuli bezinombolo wukuthi abasoze nanini bayibamba i-jackpot yezinombolo uma bengakaze bazingele ngisho izinyoni lezi. Phela umzingeli okala kahle inyoni ngesihlilingi yilowo oyikala endaweni eyodwa ngaso sonke isikhathi. Akalenzi iphutha uma ekala inyoni.
Nangakusasa uma ezingela izinyoni, uyikala endaweni efanayo, okungaba yikhanda noma yisifuba. Lo mzingeli wezinyoni uyaziqeda izinyoni zeNkosi. Akagcaluzi lonke ihlathi, efunana nezinyoni. Hleze ahlangabezane nengozi.
Ucutha esikhaleni esisodwa, khona ehlathini. Wazi kahle kamhlophe ukuthi nazi izihlahla namafokozi, nalapho ecuthe khona ziyeza izinyoni. Ngeke elokhu ewuka enyuka nehlathi lonke, ngoba maningi amathuba okubuya elambatha.
Uma ungumgembuli ogembula ngezinombolo, ngisho ngabe luhlobo luni lokugembula kwezinombolo, kumele ugembulise okomzingeli wezinyoni. Awukwazi ukuthi namuhla ugembula ngezinombolo ezithize, ikuchithe i-jackpot okanye umshini wezinombolo, bese ngokulandelayo ugembula ngezinye izinombolo ezihlukile kulezo ezikuchithile ngokwedlule bese ucabanga ukuthi uzobamba i-jackpot yezinombolo. Awukwazi neze ukugembula ngezinombolo uma ugembula ngale ndlela. Umgembuli ogembula ngale ndlela uzimosela imali yakhe nje, ngazikhathi zonke zokugembula kwakhe.
Yingakho sihlezi sikhala ngokuthi asibambi lutho uma sigembulile. Siphinde sithi kuhlula ngisho imithandazo. Angangivumela nomzingeli wezinyamazane ukuthi awukwazi ukugcogcomisa umgogo nehlathi lonke ngoba ufuna ukubamba inyamazane. Kodwa mhlawumbe omunye umzingeli angakuphika lokhu. Kumele uwucuphe esikhaleni esisodwa umgogo, futhi lapho ozwa ukuthi izodlula khona nakanjani inyamazane.
Lo mgogo kamzingeli kungenzeka ungayibambi inyamazane namuhla, kusasa, nangomhlomunye. Kodwa uzogcina uyigojelile ngoba ucushwe esikhaleni esisodwa wangagcogconyiswa nehlathi lonke, nokuyisikhala lapho inyamazane ike izidlise satshanyana ngakhona. Awukwazi ukuthi uzogcogcomisa umgogo uma uzingela, ucabange ukuthi uzobamba inyamazane. Ihlakaniphe iqedile inyamazane, njengawo umshini wezinombolo. Futhi lomgogo, njengoba isiwufica kwesinye isikhala sehlathi nje, iyawazi, iyakhumbula ukuthi ike iwubone ndawana thize nehlathi.
Kanjalo nomdobi wezinhlanzi, akakwazi ukugcogcomisa uthi lokudoba nolwandle noma nedamu lonke ngoba inhlanzi itshuza lapho asuka khona. Azikho izinombolo ezingaqhashi phambili ukuze ziphume phambili. Pho umgembuli wezinombolo akazilindi ngani izinombolo zakhe zekhethelo, nazo ezisemgqeni wokuphuma phambili suku lumbe. Yisikhathi somshini wezinombolo kuphela esisuke singakafiki.
Umgembuli wezinombolo okwazi ukugembula ngezinombolo yilowo owazi kahle ukuthi izinombolo okugenjulwa ngazo ziyisishiyagalolunye kuphela, kusuka kunombolo 1 kuya kunombolo 9. Uwubeka eceleni kancane unombolo zero (0) okuyinombolo yokuqala kodwa engekho. Unombolo 0 akakwazi ukwakha izinombolo ezikhipha yena qobo lwakhe. Lokhu kufakazelwa ngulwazi oluthi ziyishumi kuphela izinombolo emhlabeni jikelele. Eyokuqala nguye unombolo 0, okuyinombolo engekho. Kodwa engekho enjalo unombolo 0 ubamba iqhaza elikhulu ngoba nguye olekelela unombolo 1 ukuthi akwazi ukwakha unombolo 10. Aphinde futhi alekelele unombolo 2 ukwakha unombolo 20, njalonjalo.
Ukushoda kwalolu lwazi uma sigembula ngezinombolo ngokunye okwenza sikhale ngaphansi ngazo zonke izikhathi uma sigembula ngezinombolo. Ngake ngadlala umshini wezinombolo, ngadliwa ngunombolo 18, 36, 20 no-11 bephume phambili. Ngavuleka inkungu kudala ukuthi empeleni kulezi zinombolo ngidliwe ngunombolo 9 ophume phambili, kabili, ewu-nombolo 18 nonombolo 36 okungezinye zezinombolo ezakhiwa ngunombolo 9.
Ngabamba ikhanda ngakhala ngomama, ngakho njalo ukuthi angikaze ngizingele ngisho izinyoni lezi!
Cebolenkosi Maphumulo
ENANDA
Lo mbono kaMashimane cishe amaphisi ayawulandela. Ebesingakunakile ukuthi amasu asekuzingeleni angasebenza nasemaphatheni azama inhlanhla yokuqagela izinombolo ezingakuwinisa i-jackpot. Uthini wena mfundi ngale ndlela esinombolwe uMashimane yokucupha umgogo. - UMhleli