ISUN City yaziwa njengehhotela likanokusho, eligqame kakhulu ngobuhle nobukhazikhazi.
Leli hhotela, elisesifundazweni iNorth West, lisendaweni enhle nethandwa kakhulu yizivakashi ngoba zikhona nezinye izindawo ezamukela izivakashi eduze nalo. Okwenza iSun City ihluke kakhulu kunezinye izindawo zokuvakasha nokungcebeleka ezingomakhelwane wukuthi yona iphethe bonke ubumnandi ongabucabanga nongabudinga.
Osomabhizinisi bathanda kakhulu ukuhlela imidlalo yegalofu kodwa futhi ikhona nekhasino neminye imishini yemali kwabathanda ukwenza imali esheshayo. Zikhona belu nezikebhe nezinye izinto eziningi ezithakaselwa kakhulu yizingane.
Muva nje leli hhotela lakhipha umbiko wokwandisa izindawo zokulala nokusho ukuthi selizomumatha isibalo esithe xaxa sabavakashi.
Namuhla izikhulu zaleli hhotela zimemezele ukuthi zigubha iminyaka yalo engu-30 ngokwethulela umphakathi amagumbi amasha ambalwa asanda kulungiswa naseqophelweni eliphezulu.
Ukuthuthukiswa kwe-African Suite esePalace of the Lost City, okuyindlu eseqophelweni eliphezulu futhi eyake yahanjelwa yizingqalabutho ezifana noMichael Jackson, Elton John, Tina Turner no-Adam Sandler, kubonakala ngefenisha kanokusho entsha yesimanje egqize ngemibala yesintu.
Le ndlu ingu-332m² kanti inamagumbi amabili kanokusho ezivakashi ahamba nezindawo zokugezela, okusho ukuthi uma nihamba ndawonye niyizicukuthwane aniphazamisani ngokushintshana endlini encane yize nisendlini eyodwa.
Ngale kobuhle bamagumbi okulala, kunendawo yokuphumula, eyeziphuzo lapho kuhlanganiswa khona iziphuzo ezimnandi zokuqeda ukoma, igumbi lokufunda nekhishi elinobokhazikhazi balo. Le ndlu, ethe qekelele yodwa, ifuna omacaphunakusale abangenankinga nokukhokha kanjalo nokuzijabulisa.