KUTHIWA kuthathe amahora amane ukugqokisa intokazi engumculi ezinze-USA, umsiko owenziwe ngobuchwebechwebe bobuhlalu, iSwarovski crystal angu-30 0000.
Umculi ozalelwe e-USA, ufike ePetit Palais eParis, kwathula umoya ngesikhathi kuzoqala uhlelo lweSchiaparelli lwengqephu yasehlobo ka-2023.
Amehlo athe njo kuDoja Cat, ozalwa ngumlingisi wakuleli uDumisani Dlamini, kwacaca ukuthi umcimbi usungowakhe.
UPat McGrath, ongumholi wethimba ebeligqokisa umculi uthi kuthathe amahora amane nemizuzu engu-58 ukuhlanganisa kahle umsiko begqokisa intokazi.
UMcGrath ufake i-video ekhombisa intokazi ingena emcimbini nokubonisa ubuhle bengqephu yakhe eduze.
UNaomi Campbell, osemkantshubomvu kwezemfashini nokumodela ungomunye wosaziwayo abancome ingqephu kaDoja Cat, kanti abaningi bebebuza ukuthi ubeyigqoke isikhathi esingakanani.