UMCULI we-Afro soul futhi ongomunye wabagqame bengenele umncintiswano wokuhlwaya ikhono kuShuni Womhlaba, uMike Makhosini, uthi abantu bazobhema bakholwe emcimbini wakhe azowenza eBat Centre, eThekwini, namhlanje ngoMgqibelo.
Exoxa neSolezwe Ngempelasonto ngalo mcimbi awubiza ngokuthi Uhambo One Man Show, uMike uthe ukuba semculweni iminyaka engaphezu kweshumi, ezama ukuchuma kobuciko, kwenze wabona ukuthi sekuyisikhathi sokuzethula kubantu.
“Lo mcimbi uyindlela engizozethula ngayo kubantu abahlale bezwa ngami nabalandela ubuciko bami futhi ngizoveza ngawo ukuthi ukuba yisangoma kwangisiza kanjani ukuveza ikhono lami lobuciko. Konke kwaqala lapho nginobizo lwabantu abadala, okuyikhona okugqamise ikhono lami lokucula njengoba kuyiyona nto ebengiyikhonze kakhulu ebungomeni,” usho kanje.
Eqhuba, uthe emcimbini uzophelezelwa ngamaciko abemeseka esazama ukuchuma okukhona kuwona umculi we-Afro pop uSenzo Afrika, umrepha uLendrose, umculi we-house Nobuhle Khuzwayo, nezimbongi oNkosenye Gcucwa noShiwe Mthwazi.
“Ngamaciko engisebenze nawo kakhulu ngisafika endimeni, ngikholwa wukuthi ukuba khona kwawo emcimbini kuzokwenza ukuthi umcimbi ube nesithunzi futhi uphumelele,” kusho uMike.
Leli ciko laseNdwedwe, ogama lalo lokuzalwa wuMzwandile Khuluse, liveze nokuthi enzuzweni azoyenza ngalo mcimbi, uzosiza izingane ezimbili ezifunda u-matric kulo nyaka ukuthi zikwazi ukuqhubeka nemfundo ezingeni eliphakeme ngo-2025.
Uhlelo loHambo luzophathwa yimbongi uNtokozo Starring nosomahlaya uSimphiwe Shembe, kanti umcimbi uqala ngo-12 emini. Ithikithi libiza u-R150 eComputicket nasemnyango.