UMLINGISI wodumo emdlalweni wethelevishini okhonjiswa kuMzansi Magic, iHow To Manifest A Man, u-Enhle Mlotshwa, ubabaza unya oluzogqama endaweni ephambili ayilingisayo kaDudu azoqhubeka abonakale kuyo kwisizini yesibili ezoqala ukubonakala ngoSepthemba 16.
Le ntokazi ithi yize abantu babecabanga ukuthi uDudu wayenenhliziyo embi kwisizini yokuqala yalo mdlalo kodwa kulokhu bazobona okunye okwedlulele.
Uthi ukulingisa le ndawo naye kumvule amehlo ngezinye izinto ezenziwa abanye abantu besifazane.
“Ukukhumbuza nje ababukeli, uDudu owesifazane oshade noSimphiwe (Mnqobi Kunene). Kwisizini edlule sibone umyeni wakhe eba sengozini yemoto eyaholela ekutheni umqondo wakhe uphazamiseke. Kula uDudu athola khona ithuba lokumenzisa yonke into efunwa nguye, waze wamqhelisa ngisho emsebenzini, kwaba nguye uDudu obheka ibhizinisi. Yize kwisizini edlule uDudu abanjwa kuyo yonke imikhuba yakhe kodwa uzoqhamuka njengowesifazane oseshintshile,” kusho u-Enhle.
Uthe izimo ezimbi zizomhlasela njengoba ezolahlekelwa iyona yonke into ayeyilwela kumyeni wakhe, okukhona kukho nesikhundla sokuba umphathi enkampanini.
“Konke akuthole ngesikhathi umyeni wakhe ehanjelwe wumqondo uzophucwa khona. Kodwa kukhona konke lokho, usenakho ukufuna ukudonsa umyeni wakhe ngekhala yize sebehlukene bengasahlali nandawonye. UDudu uzokwenza sengathi uyasibuka siyadlula lesi simo esibi esimhlasele, kanti ekusithekeni kuningi akwenzayo ukuze abuyele emyenini wakhe,” kuchaza yena.
U-Enhle uthe akangabazi ukuthi kukhona abantu abazosizakala ngalo mdlalo, abanye bafunde kuwo.
Ukhuthaze abantu abasha ukuthi imidlalo yethelevishini bayibuke njengoba kukuningi abangakufunda kuyo, njengoba yize belingisa kodwa sikhona isifundo esigcina sivela ngezimo zempilo.