NGOMEYI 12, 2008 kwagobhoza igazi ngesikhathi izakhamuzi zakuleli zihlasela abantu bakoMozambique, Malawi naseZimbabwe odlameni olwalubhekiswe kwabokufika e-Alexandra, eGoli.
Kulesi sibhicongo kwadlula emhlabeni abantu ababili kwathi abawu-40 balimala kabi.
Ngesonto elilandelayo lolu dlame lwase lusabalele emijondolo eminingi yaseGauteng nakwezinye izingxenye zeTheku naseCape Town.
Abaholi bathi beqamba belukhuza lolu dlame lwase ludlule nemiphefumulo ewu-62 futhi kwaboshwa abantu abawu-1400 ababethinteka ngokuba ngobhongoza.
Emuva kwalesi sibhicongo umculi wakuleli uNomcebo Zikode ukhiphe inoni lengoma ngokubambisana nozakwabo waseKenya, uSofiya Nzau nowaseNigeria, uFireboy DML, elisihloko sithi META. Yize labaculi behlabelela ngezilimi ezahlukene zendabuko kodwa balishaye ngesigqi somculo wokujuxuza esishisa izikhotha kulezi zinsuku i-3 Step.
UNomcebo waseHammarsdale, wodumo lwengoma ethi Jerusalema, uthe okumchaze ngalesi sigqi ukuthi siveza amasiko aseNingizimu Afrika.
"I-3 Step ingaphezu kwesigqi kodwa idingida izindaba eziveza ubuthina njengabantu baseNingizimu Afrika. Ukusebenzisana noFireboy noSofiya kulo msebenzi bekuhlale kuyiphupho lami. Ngiyethemba ukuthi ukwabelana ngamagalelo eNingizimu Afrika nomhlaba kuzoqhakambisa umculo wase-Afrika ukuthi awunamkhawulo nokuthi ufinyelela noma yikuphi," kuphetha uNomcebo.
UFireboy DML uthe, njengomculi ogxile kwisigqi se-Afrobeats, kube yonselelo emnandi ukuzama isigqi se-3 Step. "Kungenze ngasabalala futhi kwangiveza kolunye uhlobo lomdanso waseNingizimu Afrika. Ukucula ngokubambisana nabanye kunyuse izinga lobuciko bami."
USofiya uthe kube yisimangaliso ukungena ngesigqi sangakubo engomeni enamandla okubumba izizwe zase-Afrika.
"I-META eyokubungaza thina sonke njengama-Afrika nokuthi sikwazi ukuqhakambisa umculo wase-Afrika emhlabeni jikelele," kuphetha uSofiya.