UMREPHA wodumo lwengoma ethi Roll Up nethi We Up, uMthembeni "eMtee” Ndevu, ugonyuluke ngokumenza angafuni ukuyovota okhethweni lukazwelonke ngoMeyi 29.
Ekhuluma neJuice 2.0 Podcast yaseBotswana muva nje, u-eMtee uthe okumenze wathatha lesi sinqumo wukuphoxwa yinhlangano abelokhu eyivotela eminyakeni eyedlule futhi okuyiqembu abelithanda kusukela esengujahidada, okuyi-ANC.
"Bangangibulala uma bethanda. Bengivota yonke le minyaka kodwa ngiyazisola ngevoti lami. Angikaze ngazitshela ukuthi ngiyoke ngifusegise i-ANC."
Ebuzwa ukuthi ngabe ucikwe ukucishwa kukagesi yini, u-eMtee uthe akukhona lokho kuphela.
"Akuyona i-loadshedding. Omama bayahlupheka emakhaya. Yenza izithembiso ezingekho uma kuyisikhathi sokukhankasela ukhetho. Bakhohlisa abantu. Bathembisa ukwakhela abantu izindlu ezingu-1 million, baqede imijondolo. Bakha indlu eyodwa bese bedla imali esele."
U-eMtee, odabuka eMatatiele, uthe ubeseBotswana ngenhloso yokuqinisa amaxhama okuxhumana phakathi kwenkampani yakhe, i-eMtee Records, ne-Alpha Market. Ebuzwa ukuthi umukeleke kanjani eBotswana, u-eMtee uthe ucabanga ukuthi ubungazwa kakhulu emazweni angaphandle kunaseNingizimu Afrika.
Eqhuba uthe njengoba u-AKA engasekho emhlabeni, akasekho umrepha oyintandokazi yakhe.
"Ngimkhonzile impela uCassper Nyovest kodwa ngangiwumlandeli omkhulu ka-AKA."
Ubuye wachaza ngesigameko lapho axoshwa khona endaweni yokudlela ngenxa yokuthi wayenuka insangu futhi enenqwaba yama-tattoo emzimbeni.
"Sathi uma singena, abasebenzi basijabulela futhi basiyalela lapho sizohlala khona. Ngezwa omunye umuntu engidonsa ngezinwele. Ngathi ngisakhungathekile. Wathi ufuna ukuxoxa nami emnyango. Ngambuza ukuthi kungani efuna siyokhulumela emnyango. Wathi yingoba nginuka insangu futhi nginenqwaba yama-tattoo."
Uthe wambuza ukuthi bangaki abelungu abanama-tattoo agcwele umzimba. Uthe lesi sigameko samkhalisa esecabanga ngaso.