UMREPHA osemncane waseMlaza, uSimamane usedalule ukuthi umlando asanda kuwuqopha emculweni wenze wabona ukuthi manje sekuyisikhathi sokuthatha ubuciko bakhe bomculo buye ezingeni lokuthi waziwe futhi ufinyelele emhlabeni wonke.
USimamane (20) usho njalo ekhuluma neSolezwe, ngemva kokuphuma kwengoma yakhe ethi Dangerous ll, apike kuyona isilomo somrepha waphesheya kwezilwandle, uRick Ross.
Kungokwesibili kwenzeka lokhu emculweni i-hip hop njengoba kwenzeka okokuqala eminyakeni emihlanu edlule ngoKwesta ekhipha ingoma ethi Came I Saw, ayepike uRick Ross kuyona.
Exoxa ngokusebenza noRick Ross, uSimamane, ogama lakhe lokuzalwa wu-Omuhle Simamane, uthe ithimba asebenza nalo lenza imizamo yokuthi umculo wakhe ufinyelele ezindlebeni zakhe, okwagcina kuholele ekutheni athande ingoma yakhe ethi Dangerous, apike kuyona uCaseKlowzed.
“Sibe sesenza izinhlelo zokuthi sisebenzisane, sase siqoka le ngoma ekwi-albhamu yami ukuthi siyenze kabusha, sase siyifaka kwi-deluxe album yami ethi 20th, ephume ngoLwesihlanu odlule.
“Nakuba bengifisa ukuthi ingoma esisebenze kuyona ibe kwi-albhamu yakhe ngoba igama lakhe likhulu kunelami kodwa nakho lokhu okwenzekile kukhulu kimi futhi kuzolekelela ukuthi igama lami lifinyelele ebantwini abaningi,” kusho yena.
Eqhuba, uthe ugculisekile ngendlela abantu abeseka umculo wakhe ngayo, njengoba i-albhamu yakhe yesibili ephume ngoSepthemba, isidayise yaze yafika ezingeni i-platinum.
Ngaphandle kwale ngoma enoRick Ross, uSimamane usematheni kulezi zinsuku ngengoma yakhe ethi Uvalo, ayishaya noSjava - engenye yezidlalwa kakhulu emisakazweni.
“Maduze, ngizoya khona phesheya kwezilwandle ukuyohlangana noRick Ross, ukubona ukuthi yini enye enhle esingayenza ukuthi sithuthukise umculo wami ngoba ngenye yezinto leyo ayithanda kakhulu, ukuthi kufukuleke abaculi base-Afrika,” usho kanje.