INGWAZI yomculo wombhaqanga eyaduma ngengoma ethi Sala Emma nethi Unalo Yini Ithikithi, uBabsy Mlangeni, ikhala ngokushawa ngesithende kwamaciko anokukhubazeka emicimbini kahulumeni.
UBabsy (81), ongaboni emehlweni, nguyena owafaka ugqozi ezinye izihlabani ezikhubazeke njengaye, okubalwa uSteve Kekana noLazarus Kgagudi abangasekho.
Le ngqalabutho ithi kuyiphatha kabi ukubona ozakwabo abasafufusa benganikezwa inkundla yokuqhakambisa amakhono abo.
UBabsy ungomunye wabaculi abazobe benandisa kwi-10th We Can Arts Festival namhlanje kusukela ngo-12 emini, ePlayhouse, eThekwini.
Kulo mcimbi uBabsy uzoshiyelana inkundla noSgwili Zuma, uChaos Machafuko, Umfana Omhlophe, uPinky 1st Lady, uKhazozo noSnow White osebuya kwiJoyous Celebration.
UBabsy uthe ukujabulela kakhulu ukuba yingxenye yomcimbi aqala ukunandisa kuwo kusukela ngo-2015. Uthe yena esaqala akubanga neze lula kodwa kwadingeka ukuba asebenze ngokuzikhandla ukuze agcine amulekile.
"Okungenza ngiqhubeke namanje nokucula ukuthi angikaze ngadla izidakamizwa," kusho uMlangeni.
Le nkakha yaqala ukwaziwa emculweni ngonyaka ka-1972 ngenoni elalithi Bua Nnete. UBabsy uvelele kakhulu esehambisana noKoloi Lebone, owavumbulula ikhono likaBrenda Fassie. Uzakhele udumo ezizweni ezahlukahlukene nakwabamhlophe ngenxa yokuthi ucula kakhulu ngesiSuthu, isiXhosa, nesiNgisi.
Esephetha uBabsy ubatuse kakhulu abagqugquzeli beWe Can Arts Festival ngoba yiwona mcimbi omkhulu onikeza ithuba amaciko anokukhubazeka. Uthembise ukuqhulula wonke amanoni aziwa ngawo kulo mcimbi.
Umgqugquzeli womcimbi uThabani Mazibuko, uthe amanye amaciko wawavumbulula ngo-2023, kwinhlolokho abeyibambe ezifundazweni ezine okuyiKZN, Western Cape, Free State, neGauteng.
Uthe amaciko awagcini ngokunandisa kuphela kodwa abuye ahlonyiswe ngolwazi ngozakwabo asebemnkantshubomvu. Esephetha uthe umcimbi uzoqoshwa ukuze uvezwe ohlelweni lwethelevishini njengoba kwenzeka ngo-2021.