UKUTHANDWA nokwenza kahle kwe-albhamu yakhe yesithathu ephume ngonyaka odlule, kwenze umculi wowokholo uMabongi Fero, wenza kabusha izingoma ezimakhele udumo kubantu, ezididiyelwe kwi-albhamu ethi The Sound of Redemption.
Engoxweni neSolezwe ngalezi zingoma ezinhlanu azenze kabusha, zaphuma nge-albhamu ethi The Sound of Redemption: Unplugged, ephume ngesonto elidlule, uthe yindlela yokujabulisa abalandeli bomculo wakhe nokubabonga ngokumeseka kwabo.
“Ngihlanganise izingoma ezinhlanu, ngazenza kabusha ukuze zizwakale ngendlela ehlukile nezozwakala sengathi sezizintsha kanti cha, ukujabulisa nokubonga abantu abeseke umculo wami, nokuthi iyindlela engibone iyinhle yokwendlalela umculo omusha engihlela ukuwukhipha ngonyaka ozayo,” usho kanje.
Eqhuba, uMabongi uthe uzoqhubeka ajabulise abalandeli bakhe ngomculo omnandi, njengoba kumanje eseqalile amalungiselelo e-albhamu yakhe yesine azoyiqopha bukhoma ngonyaka ozayo.
“Ngihlale ngiqinisekisa ukuzinika isikhathi esanele sokusebenza emculweni wami ngaphambi kokuwukhipha, ngoba kuyabiza futhi abantu basheshe bacikeke uma usubaxina,” kusho yena.
Leli ciko elidabuka eBushbuckridge, eMpumalanga, lingenise emculweni nge-albhamu yalo yokuqala yango-2012 eyayithi Tshama, lalandela ngethi Tintswalo: Grace ngo-2014. Selinandise emazweni ehlukene okubalwa kuwona iGhana, Zambia, Botswana, Nigeria, Zimbabwe, Swaziland Lesotho neKenya.