UPHROJUSA obuye abe yilungu leqembu le-house i-Artwork Sounds, uSoultronixx usedalule ukuthi ukukhipha i-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi Shango Haya, akungoba kunenkinga phakathi kwakhe nozakwabo uGeorge Lesely kodwa kuwuhlelo osekunesikhathi eside ehlela ukulwenza ngomculo wakhe.
Usho kanjalo engxoxweni neSolezwe, lapho ehlube khona udlubu ekhasini ngale albhamu ephume ngesonto elidlule, athi ubevele ekulindele ukuthi abanye abantu bazitshele ukuthi ukuphuma kwayo kubikezela inkinga phakathi kwakhe nozakwabo.
“Ngiwumuntu ongajahi nongazixini ngomsebenzi omningi ngesikhathi esisodwa, yingakho ngingajahanga ukudedela lo msebenzi ngoba mina noGeorge (Lesley) besisagxile kakhulu ekukhuliseni igama leqembu lethu ebantwini,” usho kanje.
Eqhuba, uthe ukulinda isikhathi esifanele kuzomsiza kakhulu njengoba ezosebenzisa igama leqembu labo ukusabalalisa umculo wakhe ebantwini ngoba iningi labantu limazela kulona.
“Yinto lena esihlale phansi, sabonisana ngayo ngenhloso yokukhulisa igama lami kwezobuciko njengoba kubuye kwenzeke noGeorge akhiphe izingoma ezithile eceleni, lokho okungasho ukuthi sekunenkinga phakathi kwethu,” kusho uSoultronixx.
Elandisa ngale albhamu, enezingoma eziwu-10, uthe isihloko sayo siyisiVenda, okuchaza ukuthi homeland ngesilungu, okusho ukuthi kuyindlela asebenzisa ubuciko ngayo ukwenekela abantu ukuthi uqhamuka kuphi, nokuthi usopheni ngomculo wakhe.
Kule albhamu usebenze namaciko ehlukene okukhona kuwona oBrandon Dhludhlu, Stanky DJ, Zain SA, Abidoza, Darque, Sol Phenduka, Tycoon, Pandemic naye futhi uGeorge Lesley.
USoultronixx, igama lakhe lokuzalwa nguRofhiwa Ndou. Udabuka eDzanani, eLimpopo. Kwi-Artwork Sounds banama-albhamu amahlanu, baqala ukukhipha umculo wabo ndawonye nge-albhamu yokuqala yango-2020, esihloko sithi Searching.