UKUSEBENZA namaciko ehlukene ewenzela ama-beat ezingomeni futhi ewasiza nangokuphrojusa izingoma zawo, okugqamise wona - yena kwangamsiza kangako, yizona zinto ezenze uDJ nophrojusa wama-piano, uFrank Mabeat, waphathwa wukhwantalala, athi lucishe lwaholela ekutheni ayeke umculo.
UFrank Mabeat wodumo lwengoma kaSoa Mattrix noSir Trill ethi Athandwe, ephrojuswe nguyena, ugonyuluke ngalokhu exoxa nge-albhamu yakhe yokuqala, iNyeleti, ephume kule nyanga.
“Wumsebenzi okube nzima kakhulu ukuwuhlanganisa ngenxa yesimo esingiphazamise kakhulu emqondweni sokuzizwa ngingento yalutho ngenxa yokuthi bengibona umsebenzi engiwenze ezingomeni zamaciko amaningi engisebenze nawo, ungangisizi ukuchuma, ngaze ngaba nokhwantalala. Le nto yenze ngazizwa sengathi ngisetshenzisiwe kule ndima,” usho kanje.
Eqhuba, uthe yikho konke lokho okudale ukuthi lo msebenzi, aqale ukusebenza kuwona ngoDisemba wangonyaka odlule, uze uphume manje ngenxa yokuthi konke ubekwenza ngonyawo lonwabu, engenawo umdlandla wokukhiqiza umculo omningi.
“Nokho kuthe ngokukhumbula ukuthi ziningi kangakanani izincomo engizithole kubantu nakumaciko engisebenze nawo, ebabaza ubuhle besandla sami ukukhiqiza umculo omnandi, ngabona kufanele ngivuke ngizithathe, ngisebenze kakhulu kunakuqala ukufika lapho esengikhona,” kusho uFrank Mabeat.
Uthe kwiNyeleti, okusho ukuthi inkanyezi ngesiZulu, ubheke kakhulu izingoma ezithi Ilobolo, ayishaya noB33KaySA noCici ethi Ukukhanya, ayishaya noDr Thulz noCnethemba Gonelo ethi Angizenzelanga, apike kuyona uMsongi noMashudu nethi Ngaphakathi, nayo ayishaya noB33KaySA noDeep London.
Amanye amaciko asebenze nawo kule albhamu ebophele izingoma eziwu-19 woBrandon Dhludhlu, Eemoh, De Rose, De Soul, Lava, Afrotraction, Natasha MD, Mgucci Fab, Mzizi, Soa Mattrix, Tumza, Thebz, Russell Zuma noSipho Magudulela.
UMabeat, ogama lakhe lokuzalwa wuFrank Ngwenya, uzalelwe eMozambique wase ekhulela eMbombela, eMpumalanga.